Silahle ithemba isaguga singakhelwa umuzi

2015-10-15 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Leli ikhaya lesaguga uGrace Mkhize (78) osehlale kulo iminyaka phansi kwesimo esibi,                         ikakhulukazi uma kunesimo sezimvula ezinamandla.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Leli ikhaya lesaguga uGrace Mkhize (78) osehlale kulo iminyaka phansi kwesimo esibi, ikakhulukazi uma kunesimo sezimvula ezinamandla.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUFAKA isicelo sokwakhelwa umuzi kodwa singaphumeleli kwesaguga seseWillowfontain sekulahlise ithemba lokuthi ngelinye ilanga naso soke sithole umuzi woxhaso lukahulumeni osesimeni esihle.

Isaguga uNkk Grace Mkhize (78) ohlala nabazukulu nabazukulwane bakhe abayisithupha abayizintandane uthi waqala ukufaka isicelo sokwakhelwa umuzi ngo-2008 nalapho kungazange kube nampendulo ngalesi sicelo. Ngo 2010 lesi saguga saphinda futhi safaka isicelo nokwaphinde futhi kwaba okufanayo kwangaphendula muntu.

Silandisa i-Echo sithe sekuphele iminyaka sidonsa kanzima endlini yodaka esihlala kuyo ebanikeza izinkinga, ikakhulukazi ehlobo ngenxa yezimvula ezishiya konakele kakhulu uma kuke kwaba nemvula enamandla. Indlu yesaguga ingamagumbi amahlanu kanti indlu yokudlela (ikhishi) linamakhabethe awayo. Indlu yonke iphuquka izintuli ngoba ayikhonkiwe nakho lokho osekubadalele izifo. Nendlu yangasese nayo iyashaqisa njengoba bethi bahlala ngecala lapho bezikhulula.

Isaguga lesi esibhekwa abazukulu baso asisakwazi ukuhamba kahle ngenxa yokuguga.

“ Ngalahla ithemba lapho ngifake isicelo sami sokwakhelwa indlu ngonyaka ka 2010. Isimo sempilo asisihle neze kulo mndeni ngoba silala ubuthongo benyoni ngenxa yesimo sendlu esihlala kuyona. Kuba nzima kakhulu ngezikhathi zasehlobo ngoba ilapho sisuke sisabela isimo sezulu esivele sishintshe kube nezimvula. Kuyisifiso sami ukuthi ngithole indlu esesimweni esihle ngoba ngihlala nabantwana abangenamuntu. Bayalidinga ikhaya eliqotho futhi elisesimweni sokungabhidliki noma inini. Sengimdala mina kanti kungangijabulisa nami ukuthi ukwazi ukuthi la bantwana babe nekhaya,” kusho uMkhize.

Ongumzukulu kaMkhize uNksz Nonsikelelo Mnguni (24) uthe isifiso sabo ukuba nekhaya elifudumele bafane neminye imindeni. Lo mndeni uphinde ube yizisulu zokuzunjulelwa umpompi wamanzi egcekeni. Lo mkhuba sewandile kakhulu lapha ezindaweni zaseMgungundlovu. Mayelana nalokhu bathe sekuneminyaka bantshontshelwa umpompi futhi besebenzisa ipayipi elincane abazifakela lona ukuze bakwazi ukuthola amanzi. Ipayipi leli lihlale livuza lokhu osekudale ukuthi igceke lihlale limanzi ngenxa yamanzi angavaleki.

Eqhuba uMnguni uthe okunye okubi kakhulu ukuthi isaguga sidla amaphilisi esifo somfutho wegazi ophezulu (BP).

“ Yingakho kubalulekile ukuthi ugogo athole indlu ngoba usewumuntu ohlala ngokungaphili. Usengaguliswa nayikhona ukuthi isimo sendawo ohlala kuyo asikho esimeni esigculisayo.” kuqhuba umzukulu.

Abahlala kule ndlu nguye uNonsikelelo, Sanelisiwe(20), Ntokozo (9), Zekhethelo (3), Owami(1) no Bandile Mnguni.

Ikhansela lendawo uSibusiso Mkhize uthe uyazi ngendaba yesaguga waphinde waveza ukuthi kuyimanje basezinhlelweni zokumakhela ugogo umuzi. Ungomunuye owaqokwa ukuthi akhelwe ngesikhathi kunembizo kaMengameli uJacob Zuma

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.