Sisinde ngokulambisa isaguga kusha indlu Ikhaya labo lidayisiwe

2015-10-22 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese

UGogo Emily Phakujo osinde ngokulambisa emva kokuba umuzi wakhe ushe wangqongqa ngeledlule ehleli ngaphakathi endlini.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese UGogo Emily Phakujo osinde ngokulambisa emva kokuba umuzi wakhe ushe wangqongqa ngeledlule ehleli ngaphakathi endlini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SISINDE ngokulambisa isaguga sase-Unit 18 eMbali emva kokuba umuzi waso ushe wangqongqa ngoLwesine olwedlule singaphakathi endlini.

UGogo Emily ‘Nkawu’ Phakujo (86) okwenzeke lesigameko ehleli ekameleni lakhe ngoLwesine ebusuku, uthi namanje akazi usinde kanjani, njengoba umlilo uqale ekameleni lakhe.

Uthe: “Inkinga iqale emva kokuba ngiqhunyelwe ilambu lika gesi (globe). Ngibe sengikhanyisa isinqamu sekhandlela . Ngokwejayelekile ngiye ngithi uma sengiqede yonke into ebengiyenza bese ngiya embhedeni ngimasaje umzimba, bese ngenza imithandazo yesonto.

“Ngomzuzwana nje ngiqede ukuthandaza, ngibone ukuthi ikhandlela beselokheleke ekhethenini. Ngizamile ukuwubhula umlilo kodwa ubunamandla kakhulu. Njengoba bekungakhiyiwe endlini, ngiphumile ngayoshaya ikhwelo komakhelwane abazamile ukuwucisha nakhona uze wanqotshwa izicishamlilo.”

UPhakujo osele nalokho ayekugqokile kuphela uthe kushe yonke into ebisendlini yakhe enamagumbi amahlanu njengoba kushe nomazisi. Uthe okumkhalisa kakhulu ukusha kwejoyini yakhe yesonto ne-rosari nalo elishe langqongqa.

Kumanje uhlaliswe omunye wabantu asonta nabo kwaDambuza, nakho okuyibangana nasemzini wakhe. Uthe ufisa noma ubani ongaqhamuka nosizo lwezingubo nokudla njengoba kusho yonke into yakhe. Yize ingenkulu imali ayitholayo ngempesheni uthe uzozama ukuhlanganisa lokhu okuncane ukulungisa indlu njengoba efuna ukubuyela emzini wakhe.

Uthe: “Engikubonga kakhulu kunakhokonke impilo ngoba yize amandla engasekho, ngikwazile ukuphuma ngibaleke. Ngiyafisa ukuthola usizo kunoma ubani ongakwazi ukulula isandla. Engikukhalela kakhulu ijoyini yesonto.”

Abafisa ukusiza bangathintana no Nkk Angela Nhlapho ku 083 596 1700

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.