UMashaba unike abadlali abasha ithuba kweyeChan

2015-10-15 06:00
Umdlali we-Orlando Pirates uThabo Qalinge (kwesobunxele) ongumunye  wabadlali abathole ithuba lukudlala eqenjini lesizwe elikhethwe umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba emdlalweni weChan eRand Stadium ngoMgqibelo. Imvamisa yabadlali a

Umdlali we-Orlando Pirates uThabo Qalinge (kwesobunxele) ongumunye wabadlali abathole ithuba lukudlala eqenjini lesizwe elikhethwe umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba emdlalweni weChan eRand Stadium ngoMgqibelo. Imvamisa yabadlali a

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULOKHU umqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba unikeze ithuba abadlali abangaziwa noma abangajwayele ukudlalela iqembu lesizwe ukuba nabo phela baziveze.

Phela iBafana Bafana izobhekana ne-Angola emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano we-African Nations Championship (Chan). Lo mdlalo uzobe useRand Stadium eGoli ngaloMgqibelo (October 17) ngo-3 ntambama.

Inhlangano ephethe ibhola laseMzansi, iSouth African Football Association (Safa) isimemezele ukuthi amathikithi aseyatholakala ezikhungweni zamathikithi kuzwelonke.

Lo mdlalo we-Angola uzobe ungumlenze wokuqala weChan. Ngokwezibalo nangokuma kwezinto, lo mdlalo ungathathwa njengethuba lokugcina leBafana Bafana lokuzibeka ethubeni lokudlala kweyamanqamu alo mqhudelwano.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi amafayineli ale midlalo azodlalelwa eRwanda ngonyaka ozayo.

Njengamanje iqembu laseMzansi iBafana Bafana phela isanda kukleliswa kunamba 73 ngokohlelo lweFifa kanti kusobala futhi ukuthi iqembu lase-Angola lingaba yingozi kanti nomdlalo angeke ubelula, nomqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes”Mashaba ukwazi kahle lokho.

Omunye wabadlali baKwaZulu-Natal othole leli thuba eliyinqayizivele lokukhethwa eqenjini leBafana Bafana umdlali weMamelodi Sundowns ozalwa eSobantu eMphithi (Pietermaritzburg) uSiyanda “Jojo”Zwane.

UMangethe wazakhela igama ngesikhathi esadlala kwiLamontville Golden Arrows. UZwane uthe uzozimisela ngendlela eyisimanga ngoba phela leli thuba liyimvelakancane. Uthi ukukwazi ukuthi umele iZwe lokho kusho lukhulu.

“Ngijabule kakhulu futhi yithuba leli ekade ngililindile amasizini amaningi. Ngiyalibonga impela leli thuba futhi liyatshengisa ngempela ukuthi uMvelinqangi ubathanda bonke abantu bakhe”, kusho uZwane.

Iqembu: Goalkeepers: Nkosingiphile Gumede (GA), Wayne Sandilands (MS), Dumisani Msibi (SUtd)

Defenders: Siyanda Zwane (MS), Wandisile Letlabika (B Celtic), Levy Mokgothu (KC), Thabo September (SUtd), Madisha Motjeka (MS), Mario Booysen (MS), Rofhiwa Tshikovhi (P Stars), Tebogo Moerane (B Wits)

Midfielders: Thabo Qalinge (O P), Thato Sithole (JC), Thamsanqa Sangweni (C Utd), Lyle Lakay (B Celtic), Mlungisi Mbunjane (CT All Stars), Morne Nel (S Utd), Vincent Pule (B Wits), Amigo Luvuyo Memela (OP), Michael Morton (S Utd), Hendrik Pule Eksteen (Kaizer Chiefs)

Strikers: Bongani Ndulula (K C), Dumisane Zuma (B Celtic), Gift Motupa (OP), Bradley Grobbler (S Utd), Percy Tau (MS)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.