UWillie Mtolo uthi ezakhe seziyilungele iComrades ngeSonto

2015-05-28 06:00
PHOTO: SOURCED 

UBongumusa Mthembu owanqoba iComrades Marathon eyabe ilibhekise eThekwini ngo-2014 uthwelwe ngeqoma umqeqeshi wakhe, uWillie Mtolo othi uzokuphinda futhi lokho kulo nyaka njengoba kuzobe kugijinywa ngeSonto. (NE)

PHOTO: SOURCED UBongumusa Mthembu owanqoba iComrades Marathon eyabe ilibhekise eThekwini ngo-2014 uthwelwe ngeqoma umqeqeshi wakhe, uWillie Mtolo othi uzokuphinda futhi lokho kulo nyaka njengoba kuzobe kugijinywa ngeSonto. (NE)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INKALAKATHA nengwazi endala kwezokugijima futhi ehlonishwa kakhulu ekuvundululeni amathalente angaziwa, uWillie Mtolo, waseMakhuzeni e-Underberg uthi ezakhe sezilinde usuku olungaliyo.

UMtolo, owazakhela udumo ngokuwina uxhaxha lwemijaho emikhulu kazwelonke kanye nokuba owokuqala waseMzansi ukuwina iNew York Marathon ngo-1992 ngo 2hrs:09min:29secs, uthi nje impela iyolala ibonene ngeSonto ekuseni kwiComrades Marathon.

Uthi ezakhe ziyeza futhi ziyothi uma zifika kubonakale ukuthi amadoda asethelekile futhi engasinisi amahleza.

Ekhuluma ne-Echo uMtolo uthe nangalo nyaka ubebambe ikhempu yabasubathi abayishumi nane (14) lapho bebezilolonga khona kusukela ngoJanuary. “Bonke abasubathi abaqeqeshwa yimina baqale ukuzilolonga ngoNovember ngonyaka odlule saze sazoqala ikhempu e-Underberg ngoJanuary. Hhayi, angikhali ngalutho. Ngingathi konke kuhambe kahle. Bonke abasubathi balungile,” kusho yena uMtolo. Ngaphandle kukaBongumusa Mthembu owadla umhlanganiso ngonyaka odlule, ezinye izihlabani ezaziwayo eMzansi kulo mdlalo oSiphiwe Ndlela (15th 2014), Sthembiso Dlamini (16th 2014), Luzuko Mdeliso no Bongani Mathenjwa, ukubalwa nje abambalwa.

UMtolo uthi uMthembu usesimweni esihle futhi angasivikela isicoco sakhe ngaphandle kwenkinga. Lo mqeqeshi ubuye athi unethemba lokuthi mhlawumbe abathathu noma abane abasekhempini njengamanje bazongena eqhulwini nasohlweni lwabokuqala eshumini.

“Mina angiyiboni inkinga kuMthembu ngoba konke kuhambe kahle futhi uzophinda ayiwine. Okufanele nje akwenze ukusebenza kanzima aze ayoqeda futhi ngimfisela inhlanhla kanye nabo bonke abakade besekhempini ngithi ndlelanhle nonke ningamaqhawe.” UMtolo uthi ukuze akwazi ukubamba le khempu usizwe uMondo Forest omvumelile ukuthi asebenzise izindlu zabo ukuze abasubathi bathole indawo yokufihla ikhanda, Ingwe Municipality enikele ngokudla kanye noMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka osize ngokuxhasa ngeziphuzo ezidingekayo kubasubathi.

Kulo nyaka iComrades Marathon izoqala eThekwini ngo5:30 ekuseni ngeSonto ize izophelela eMphithi eCricket Oval ese-Alexander Park

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.