Ubonge ukuhlonishwa esaphila ‘uMqabulasheshe’

2015-10-15 06:00
ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-witness

UMfiliseni and#039;Mqabuleshesheand#039; Magubane ohlonishwe nge Lifetime achievement award kuma South African Traditional Music Awards.

ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-witness UMfiliseni and#039;Mqabuleshesheand#039; Magubane ohlonishwe nge Lifetime achievement award kuma South African Traditional Music Awards.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBONGE ukuhlonishwa isaphila ingwazi yomculo kamaskandi u Mfiliseni ‘Mqabulasheshe’ Magubane esanda kuhlonishwa nge Lifetime achievement award kuma South African Traditional Music Awards (Satma).

UMagubane onama albhamu angaphezu kwama20 uhlonishwe neqembu likamaskandi Izingane Zoma emkhakheni womakadebebona kule ndima , emcimbini obusezingeni eliphezulu obuse- University of Zululand.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Echo, uthe uyajabula ukubongwa esaphila njengoba kungokokuqala ngqa ehlonishwa ngaphansi kwalo mkhakha. Ufanise le ndodo njengo mqhele ngesikhathi sasemandulo owawunganikwa noma iyiphi insizwa, kodwa unikwa kuphela leyo nsizwa ehlabene kakhulu.

UMagubane uthi ukuhlonishwa kwakhe ngale ndondo akusho ukuma kwakhe ekuculeni, njengoba kumanje epheka ‘ibhomu’ le album okulindeleke ukuba iphume ekuqaleni konyaka ozayo. Uthe le albhamu ikhuluma ngezinto eziningi ezenzeka kuleli zwe, ezinye zazo indaba yobukhosi bangakubo eNgudwini.

“Le albhamu ikhuluma ngezinto ezenzeka emphakathini. Ngakithi endaweni yase Ngudwini sekuphele iminyaka engu- 20 ingekho iNkosi yesizwe. Emva kokukhothama kwenkosi uBongindoda, akukaze kugcotshwe muntu esikhundleni sayo.

“Ngiyabuza ukuthi konakelephi. Enye yezingoma ithi ‘Izindaba zomndeni’. Lapha ngikhuthaza ukuthi imindeni ihlale phansi ikhulumisane uma inezinkinga esikhundleni sokuba inekele izwe izinkinga zayo.”

Uthi esazoqhubeka anandise isizwe nge ‘slow jam’ esiwumaskandi adume ngaso.

“Ngibonga kakhulu ku Dkt Dumisani Goba ngokungihlonipha ngisaphila.

“Ngokwami ngabe ngihlonishwa noma ikuphi ngale ndondo ngoba sengisisebenzele kakhulu isizwe,” kuphetha uMagubane

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.