Uchonywe uphaphe lwegwalagwala owase Mafakatini

2015-10-22 06:00
ISITHOMBEsithunyelwe

UScelo Jili ohlonishwe inhlangano             eyaziwa nge -Reading Association of KZN (Rasa) emkhakheni wokuba umbhali             ovelele olimini lwesiZulu.

ISITHOMBEsithunyelwe UScelo Jili ohlonishwe inhlangano eyaziwa nge -Reading Association of KZN (Rasa) emkhakheni wokuba umbhali ovelele olimini lwesiZulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UCHONYWE uphaphe lwegwalagwala umbhali wase Mafakatini ngendaba yakhe emfushane esihloko sithi ‘Umnikelo we Khafula’.

UMnu Scelo Jili osezakhele igama ngokubhala imidlalo yomoya uklonyeliswe ngendondo yokuba umbhali ovelele ezindatsheni ezimfushane n gaphansi kolimi lwesiZulu inhlangano eyaziwa ngeReading Association of KZN (Rasa).

Le nhlangano yasungulwa ngo-2008 ukugqugquzela ukufunda nokubhala ngezilimi ezihlukene. UJili uthe le ndaba iseqoqweni lezincwadi ezimfushane ezididiyelwe ababhali abahlukene bakulesi sifundazwe. Uthe emva kokubona ukungabekezelani phakathi kwabantu bakuleli, ikakhulukazi ukuhlukunyezwa kwabantu bokufika, ube eseba nesifiso sokukhuza lo mkhuba.

Elandisa iphephandaba i-Echo uthe: “Nakuba leli zwe selakhululeka njengoba isikhathi sobandlululo sesadlula, inhlese yokucwasana phakathi kwezinhlanga ezihlukene isalokhu isele njalo. Okufike kwangithinta kakhulu futhi ukuhlukunyezwa kwabantu bokufika. Kule ncwadi ngikhuza lo mkhuba wokucwasana. Ngithi izinhlanga azibambisane ekuthuthukiseni leli zwe.”

UJili uqhube wathi le ncwadi ikhuluma ngensizwa ebihlukunyezwa umqashi wayo owumlungu, okuthe uma isimo siqhubeka siba sibi yasula emsebenzini. Ithe uma isisulile, waphinde wayibiza umlungu ukuzokhulumisana nayo.

“Kuthe uma sekufanele ibuye yaba nokungabaza kodwa yagcina izijubile ukuyozwa ukuthi uthini. Ufike wayitshela ukuthi esibhedlela kuthiwa uyagula futhi izodinga ukufakelwa igazi. Le nsizwa igcine isinikela ngegazi layo ukusindiza ubasi wayo. Inikele ngegazi layo ukuze kuphile omunye umuntu. Phezu kokuhlukumezeka le nsizwa ayizange ibheke osekudlulile, yangabheka uhlanga kodwa yanikela ngegazi layo ukuze kuphile omunye umuntu.

“Engikukhuthazayo kakhulu ukubambisana kwezinhlanga ezihlukene.” kuphetha uJili.

Yize esemnkantshubombu ekubhaleni izincwadi, lena bekuyincwadi yakhe yokuqala ukushicilelwa

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Jordaan missing in action

2016-09-25 00:00

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.