Ufuna kugezwe igama oboshelwe ukudlwengula ingane (4)

2015-09-10 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Enye yezimoto zikaMnu Zwe Sithole ophika ukudlwengula umntwana  emva kokuba icala lakhe lihoxiswe yinkantolo kaMantshi eMgungundlovu ngenxa yokuweleka kobufakazi. Manje uthi ufuna kugezeke igama lakhe.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Enye yezimoto zikaMnu Zwe Sithole ophika ukudlwengula umntwana emva kokuba icala lakhe lihoxiswe yinkantolo kaMantshi eMgungundlovu ngenxa yokuweleka kobufakazi. Manje uthi ufuna kugezeke igama lakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UTHI ufuna isinxephezelo owesilisa waseMbali Unit BB othi ubhecwe ngobende inyama engayidlanga ecaleni lokudlwengulwa elenzeka ngenyanga uNhlangulana.

Lona wesilisa owaziwa endaweni ngegama likaZwe Sithole ophinde abe “ngumalume” othutha izingane zesikole uthi kumanje usele engenalutho emva kokubhadla ejele ngecala lokudlwengula umntwana wentombazane oneminyaka emine ubudala (4).

Ngokwakhe uthi namanje usadidekile ukuthi kungani umama womntwana ambheca ngaleli cala.

Utshel i-Echo ukuthi naye usadidekile kodwa wakubeka ngokusobala ukuthi ufuna incazelo futhi ufuna ukuthi igama lakhe ligezwe emphakathini njengoba aziwa njengomuntu onesandla ekubhekeleleni ukuphepha komphakathi.

“Kumanje ngisele anginalutho ngenxa yaleli cala lokudlwengula omunye wabantwana engangibathutha ngemoto yami ukubayisa esikoleni. Ngeke ngazi ukuthi bathi kwenzeke kanjani kodwa ngabona ngamaphoyisa esezongigaxa ozankosi, ethi ngibhekene necala lokudlwengula ziwu-12 kuNhlangulana. Ayikho incazelo engayithola kangangoba ngafika esiteshini samaphoyisa i-Plessieslaer ngisadidekile ukuthi ngabe yini eyenzekayo. Ngabhadla esitokisini kusukela ziwu-12, kwathi zingu-15, ngavela enkantolo ngacela ibheyili kodwa inkantolo yala yaphetha ukunginikeza. Lokho kwacacisa ukuthi ngibuyela ngaphakathi esitokisini. Zingu-24 ngabuyela futhi enkantolo yaphinda futhi inkantolo yenqaba ukunginikeza ibheyili. Kuze kwathi zingu-31 kuNcwaba ngakwazi ukuthi ngidedelwe ngiphume nalpho leli cala lisuliwe.,” kusho uSithole.

Uqhube wathi ukusulwa kwecala kungenxa yokuthi inkantolo ingazange ibuthole bonke ubufakazi obufana nohlolofuzo lwegazi okuyilona oluzochaza ukuthi ngabe ngiyathinteka yini ekudlwengulweni kwengane.

“Njengomuntu ozisebenzayo ngilimele kakhulu, ikakhulukazi kulo msebenzi wami wokuthutha abantwana. Ngaphambi kwaleli cala bengithatha abantwana ngezimoto zami ezine (4). Abantwana bengibahambisa ezikoleni eziningi zelokishi iMbali. Konke lokho kushabalele ngoba izimoto zami zafa ngesikhathi ngisejele, enye yazo yantshontshwa. Kumanje yinye vo imoto esebenzayo kanti lokho kungilimaze kakhulu. Ngizamile ukuxhumana nommeli lapho ngifuna khona ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngaleli cala. Inkulu imali ayidingayo ummeli ukuze aqhubeke kodwa anginayo ngoba umsebenzi wami ufana nophelile ngesikhathi ngingekho,” usho kanje.

Elinye lamaphephandaba laveza ukuthi uSithole wathatha ingane wahamba nayo, wayithatha wayivalela endlini wayidlwengula qede wayihambisa esikoleni. Liveze ukuthi kwaba uthisha wesikole owabona ukuthi ingane ayikho esimeni esigculisayo nowabe eseshayela umama womntwana ucingo emazisa ngesimo ayesibona kumntwana.

Umama womntwana wamyisa kadokotela nowafike wakuqinisekisa ukuthi umntwana udlwenguliwe, kuqhuba iphephandaba.

USithole uyakuphika konke lokhu uthi kungamanga aluhlaza kanti ume njalo ekutheni igama lakhe ligezeke.

Umama wontwana uphikile ukuthi icala lihoxisiwe

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.