Ugxeka ukusebenza kwengalo yomthetho

2015-07-02 06:01
ISITHOMBE: nokulunga ngobese

Umbhali uMbongeni Ngcobo osanda kukhipha incwadi esihloko sithi and#034;Hawu Ngempelaand#034;           ngoba ekhuza umhlola wokudedelwa kalula kwezigebengu yize kunobufakazi obuqandula ikhanda.

ISITHOMBE: nokulunga ngobese Umbhali uMbongeni Ngcobo osanda kukhipha incwadi esihloko sithi and#034;Hawu Ngempelaand#034; ngoba ekhuza umhlola wokudedelwa kalula kwezigebengu yize kunobufakazi obuqandula ikhanda.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Emva kokubona ukwenzelela kwengalo yomthetho kwabanye abantu abasuke benamacala abucayi, umbhali osemnkantshubomvu waseMgungundlomvu uMnu Mbongeni Ngcobo usekhiphe incwadi esihloko esithi ‘Hawu Ngempela’ ekhuza lo mhlola. UNOKULUNGA NGOBESE uxoxisane naye.

UNGCOBO ongowokudabuka esigodini sakwaShange endaweni yangaphezulu uthi ngale ncwadi uhlose ukukhuza umkhuba indlela umthetho osekubukeka ngayo njengento esivikela izigebengu, njengoba ezinye zidedelewa yize kukhona ubufakazi obuqandula ikhanda.

Le ncwadi ikhuluma ngezigebengu eziyishumi ezisebenzisana ndawonye (syndicate) esezibaqedile abantu ngokugqekeza, ukubulala, ukudlwengula nokukhwabanisa amakhadi asebhange.

Yize icala lazo liqalwe ukuqulwa eNkantolo enkulu yaseMgungundlovu, lagcina seliphelela eBloemfontein. Ziyadedelwa phezu kobufakazi obuqandula ikhanda.

Ekhuluma nephephandaba i-Echo uNgcobo uthe: “Ngalesi sihloko esithi ‘Hawu ngempela’, ngikhombisa ukumangala kwami nokungakholwa ukuthi lezi zigilamkhuba zitholakale zingenacala.

“Inhloso enkulu ukuthi ngifuna umthetho ubuyise isithunzi sawo. Ngibona sengathi umthetho walapha eNingizimu Afrika usuyenzelela. Sekukaningi kudedelwa abantu abanamacala abucayi ngoba kuthiwa ubufakazi abanele

“Abantu uma bengathembele engalweni yomthetho, bazothembela kuphi? Ngifuna ukukhuza umhlola ukuthi ingalo yomthetho ayiqine.

“Kunemiphakathi esihlale ihlalele ovalweni ngenxa yemigulukudu ekhishwa emajele yize inamacala.”

UNgcobo okuyincwadi yakhe yeshumi nane lena uthe ziningi izifundo afisa zitholwe abafundi ngale ncwadi.

“Okukuqala nje abafundi bazofunda nangokubaluleka kokuhlonipha amalungelo abanye abantu. Bazofunda nokuthi isikhathi esiningi ubugebengu lobu obudlangile emiphakathini yethu budalwa ukuvilapha kwabantu, abafuna imali esheshayo.

“Ziningi izinto abantu abangazenzela zona ukuze baxoshe ikati eziko esikhundleni sobugebengu. Ekugcineni kwakho konke ngiphonsa inselelo kuhulumeni wethu ukuthi ake abhekisise ukusebenza kwezinkantolo abuyise isithunzi sezinkantolo, njengoba eminingi imiphakathi isikhetha ukuzibambela ngezandla ngenxa yokuphelelwa ithemba kwingalo yomthetho,” kusho yena.

Le ncwadi isiyatholakala kwa Adams andamp; Griggs Booksellers

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.