Ukhala ngesihluku owesifazane oshaywe enqunu e –Edendale mall Umthengi uthi ushayiwe ezitolo

2015-09-17 06:00
IZITHOMBE:ZITHUNYELWE

Izandla zika Mhlongo abaqale bambopha ngozankosi ngaphambi kokuba bamshaye.

IZITHOMBE:ZITHUNYELWE Izandla zika Mhlongo abaqale bambopha ngozankosi ngaphambi kokuba bamshaye.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngokwehliswa isithunzi owesifazane wase Elandskop oshaywe enqunu, wadlikiziswa ngogesi onogada base- Greater Edendale Mall ngoba bemsola ngokweba amateku esitolo ngeSonto.

UNksz Zanele Mhlongo (19) wasendaweni yaseHhashini uthi usekude ukukhohlwa emva kokuba onogada ababili belekelelwa umsebenzi wakwaPep Stores bemvalele egunjini lapho kubekwa khona izimpahla, bamshaya beshintshana ngaye.

UMhlongo othi kumanje ugqigqa isibhedlela ngoba echama igazi kusukela kwenzeke lesi gameko, uthi akasakwazi nokuma isikhathi eside njengoba umzimba usumane uzidlikizelelele. Elandisa i-Echo uthe: “NgeSonto ngithunywe udadewethu ukuba ngiyomthengela amateku engane kule nxanxathela yezitolo. Ngingene ka Pep ngangathola lutho ngadlulela ka –Ackermans. Ngibone ukuthi abekhona abebiza ngase ngihamba. Ngithe ngiphuma ngahlangana nomfana obephethe uplastiki othe angangidayisela amateku ngenani eliphansi. Sithe sisaxoxa kwaqhamuka labo nogada okuyilapho ngibone khona ukuthi ubentshontshile njengoba ejikijele uplastiki kumina wabe esebaleka.

“Bangithathe ngaleso sikhathi bayongena nami kwa Pep lapho bafike bangivalela egunjini lapho kubekwa khona impahla. Ngithe uma ngibachazela ukuthi angintshontshanga lutho kodwa bengithunywe udadewethu, kwayilapho bethatha umakhalekhukhwini bemfonela bethi akeze no R400 ngoba ngintshontshile. Bangikhumulise ngasala ngephenti kuphela , bangibopha ngozankosi, bangishaya ngezinduku zomshanelo, bengidlikizisa ngogesi belekelelwa abasebenzi ababili obekukhona nowesifazane.”

Omunye obone lesi sigameko kepha ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe ungene kulesi tolo wadonswa umsindo obekunezwi lowesifazane obekhala endaweni evalelekile. Uthe uthe uma esondela wathola ukuthi baningi nabanye abebengunge le ndawo kepha kungekho kubona onesibindi sokungena ngaphakathi.

“Ngiqale ngabuza owesifazane abangitshele ekugcineni oyimenenja ukuthi kwenzekani. Ungiphendule ngokuthi baqondisa izigwegwe. Ngibe sengizidela ngangena phakathi lapho ngithole ukuthi bebeshaya owesifazane osemncane. Angibange ngisabuza lutho, ngiphume naye, ngabatshela ukuthi sizobavulela icala. “Sibe sesiqonda ehhovisi labaphathi bale nxanxathela lapho sitshelwe ukuthi udadewabo ka msolwa kuzomele alethe imali engango R600 ukuze akhokhe imali yamateku. Ekugcineni bathe kuzomele akhokhe u-R450 ngoba useshayiwe.”

Udadewabo kamsolwa uNksz Thandeka Mthethwa uthe uMhlongo akasabuthi quthu ubuthongo nasebusuku, njengoba ethuka izanya.

“Ngokusho kwakhe kuphele imizuzu engu 30 bemdlikiziza ngogesi. Kusukela kwenzeke lesigameko sihamba isibhedlela njengoba echama igazi. Bazamile ukungithembisa ukukhokha u-R1000 njengesinxephezelo okuyimali engiyinqabile ngoba ngifuna mthetho uthathe indawo yawo.”

Okhulumela uKaputeni Musa Ntombela ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokushaya. “Icala liyaphenywa. Abasolwa okungo Nkk Beauty Msimang no Mnu Nkululeko Ndlovu bavele kafushane enkantolo kamantshi izolo [ngoLwesibili],”

Okhulumela imall uNksz Sonya Caldecott uthe ngokwesitatemende esiqhamuka kophethe onogada kulenxanxathela yezitolo, umsolwa ubanjwe entshontsha kulezitolo zombili.Uthe: “Wahanjiswa kwa Pep store ukuze ayophenywa. Omunye wonogada ulekelelile ukuba aboshwe, okuyilapho umsolwa eqale khona ukuba nodlame

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.