Ukhala ngoClover owadla amasi ‘anezimpethu’

2015-09-17 06:00
ISITHOMBE:NOKULUNGA NGOBESE

UMnu Bhekinkosi Sikhakhane ophethe isheke lika R200 alithola kwa Clover ngo 2005 kodwa agcina engalisebenzisanga.

ISITHOMBE:NOKULUNGA NGOBESE UMnu Bhekinkosi Sikhakhane ophethe isheke lika R200 alithola kwa Clover ngo 2005 kodwa agcina engalisebenzisanga.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INDODA yase-Ashdown ethi yathenga amasi akwaClover ayephethuka izimpethu eminyakeni eyishumi eyedlule, ifuna le inkampani ixolise emva kokungenwa ukugula engakwazi kusukela idle lawo masi.

UMnu Bhekinkosi Sikhakhane uthi yize le nkampani yamnika ivawusha ka-R200 njengesinxephezelo ngo-2005, akazange alisebenzise ngoba ngokwakhe wayefuna izixolisele ngomlomo, ngaphandle kokukhipha imali njengesinxephezelo. Uthi kumanje kunomsindo ongaqondakali oselokhu wakhala esiswini sakhe kusukela edle lamasi, futhi uma kwenzekile wazikhulula kwenye indawo ngaphandle kwasendlini yangasese, uyakwazi ukuzibona lezi mpethu.

Utshele i-Echo ukuthi ngo-2005 wathenga izigubhu ezintathu zamasi kwaShoprite eThekwini. Uthe uma efika ekhaya wavuba amasi, wanganaka ukuthi kukhona okukhona, kwaze kwabona abantwana ayehleli nabo, nabo abasebewadlile la masi. Uthe emva kwalokho wabe esexokozelelwa isisu, kwaphoqa ukuthi aye endlini yangasese.

“Ngalelo langa angibuthanga quthu ubuthongo ngihlushwa isisu. Ngakusasa nginikele esitolo ngiyokhalaza ngezimpethu engizibone emasini. Abasesitolo bangixhumanisa nabakwaClover abathembisa ngokuthi bazoza bezokhuluma nami, kodwa ngagcina ngokuthola ivawusha-R200 njengesinxephezelo, nayo engagcina ngingayisebenzisanga,” kusho uSikhakhane.

Uthe kusukela ngo-2005 uphansi naphezulu ugqigqa kodokotela kodwa akutholakali ukuthi inkinga ikuphi.

“Ivawusha ngakhetha ukungayisebenzisi ngoba, ngokubona kwami, le nkampani ayiyikhathalele impilo yabathengi. Esikhundleni sokuthi balethe imali kuphela, ngangilindele ukuthi bazoxolisa umlomo nomlomo, bachaze ukuthi inkinga yayikuphi.

“Le nkampani ingenze inja, ifike yadla inyama, yase ingiphonsela amathambo. Abenzanga mina inja kuphela kodwa nomphakathi odla lamasi. Sekuphele iminyaka eyishumi ngiguliswa ukugula engingakwazi, ngenxa yala masi. Le nkampani yayithembise ukungiphendula, namanje ngisalindele leyompendulo.”

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela abakwa Clover bengatholakalanga ukuphawula

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.