Ukhale ngesihluku kushaywa umfundi e’Vo’

2015-11-04 06:00
ISITHOMBE:sithunyelwe Umzimba ka Mlondi     Khuzwayo obunemivimbo emva kokuba   kuthiwa ubhaxabulwe uthishanhloko nabanye othisha ngeledlule esikoleni afunda kuso i’Vo’.

ISITHOMBE:sithunyelwe Umzimba ka Mlondi Khuzwayo obunemivimbo emva kokuba kuthiwa ubhaxabulwe uthishanhloko nabanye othisha ngeledlule esikoleni afunda kuso i’Vo’.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngesihluku okushaywe ngaso indodana yakhe umzali womfundi wase-Edendale Technical High School, oshaywe uthishanhloko nabanye othisha ngeledlule emva kokuba efuthe ipepper- spray ekilasini.

UNksz Nonhlanhla Khuzwayo ongunina ka Mlondi Khuzwayo owenza uGrade 11 kulesi sikole uthe yize indodana yakhe ibisephutheni, lokho akugunyazi isihluku eshaywe ngaso njengoba ibishaywa nge‘cane’ nangezimpama. Kumanje uvulele uthishanhloko icala lokushaya. Elandisa leli phephandaba uthe ngenxa yobugebengu obudlangile endaweni, indodana yakhe ibisize yanquma ukuphatha ipepper spray ukuze ikwazi ukuzivikela ngenxa yokuthi bese kukhuthuzwa nabafundi besikole endleleni.

Uthe: “Zonke izinsuku ubesephatha ipepper spray, kodwa indaba iqale ngoLwesibili olwedlule ngenkathi eyivezela abanye ozakwabo ekilasini. Kube sekuvuka ubungane, wayifutha ekilasini kwaze kwathiwa abaphumele ngaphandle bonke abafundi. Emva kwalesi gameko kubikelwe uthishanhloko, ofike wayibuza ukuthi ilaphi. Ngenxa yokuthi ubesesaba, umane wayijikijela ngaphandle wayilahla. Kuqale lapho ke ukuthi ashaywe nge ‘cane’ ezinqeni uthishanhloko elekelelana nabanye othisha ababili. Akagcinanga ngokumshaya ezinqeni kuphela, njengoba emphonse nangezimpama ebusweni waze wathinteka ihlo. Ube esemnika imali engango-R3.50 ukuze athenge amaphilisi ezinhlungu.”

UKhuzwayo uthe emva kwalesi gameko uzamile ukuyobikela umhloli wesekethe, naye amthole esemhlanganweni wangabe esakwazi ukulubika udaba. Uthe akayivuni indodana yakhe njengoba njengazozonke izingane ifanele ukujeza uma yonile, kodwa into alwisana nayo ukushaywa ngale ndlela obekungagcina sekukhiphe nesidumbu. Yize uMlondi elulama, unina uthe usanokudideka emqondweni njengoba enokuthuka.

“Angiphumeli obala ngoba nginenxa nothishanhloko, kodwa ngiphumela obala ngifuna nabanye abazali bangasabi ukukhuluma ngezigameko ezifuze lezi.

“Asali ukuthi abantwana bajeze uma bonile, kodwa kumele kube khona indlela abazojeziswa ngayo,” kusho uKhuzwayo.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Musa Ntombela uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya.

Okhulumela uMnyango weZemfundo uMnu Sihle Mlotshwa uthe njengoMnyango wezeMfundo bebengazi mayelana nalesi sigameko kodwa bazoluphenya udaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.