Ukhiphe icwecwe lesibili uBotsotso

2015-07-02 06:00
ISiHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE
Ibhubesi laseMgungundlovu uMnu Botsotso Mahlaba    ukhiphe ingcwenga yecwecwe   lakhe lesibili kuyo le     nyanga.

ISiHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE Ibhubesi laseMgungundlovu uMnu Botsotso Mahlaba ukhiphe ingcwenga yecwecwe lakhe lesibili kuyo le nyanga.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI eyaziwa ngeBhubesi laseMgungundlovu Botsotso Mahlaba usekhiphe ingcwenga yecwecwe (CD) lesibili lezinkondlo zakhe.

Le mbongi esizakhele igama kuleli dolobha ithe iqale ukupheka okuqukethwe ileli cwecwe ngoNhlolanja kuwo lo nyaka nokuthe ngale nyanga yabe isilikhipha.

Isihloko secwecwe lakhe sibizwa ngo “Makhelwane” kanti linezingoma eziyishumi (10).

Ekhuluma ne-Echo mayelana naleli CD uthe ihlukile okunaleyo ayikhiphe ngonyaka ka-2013. Uthe okuqukethwe kulena yesibili ukwenze kwahluka ngoba unezinsimbi zomculo ezimlekelelayo uma yena ehaya izingoma zakhe.

“Kuleli cwecwe ngikhombise okukhulu ukukhula. Izinkondlo zami eziqukethwe icwecwe lesibili zinomyalezo kanti futhi ziphinde zikhulume ngezinto eziningi ezenzekayo kunoma ubani futhi umuntu azibona zenzeka esikhathini esiphila kuso.

“Ngisebenze nomphathi wami weBosimo Productions uMnu Mondli Zondi kanye noMfundisi Sam Nzimande sipheka le CD.

“Kulokhu sikhethe ukuthi ngesikhathi ngihaya kube nezinsimbi eziphelezela ukuhaya kwami. Kuningi engikubuke ngakubona kufanele kube umyalezo othunyelwayo ebantwini bebonke.

“Ngibuke intsha, ngabuka nabantu esiphila phakathi kwabo kanye nabo. Yingakho nje ngiqhamuke nenkondlo ekhuluma ngomakhelwane.

“Akugcini lapho kodwa ngibuye ngikhulune nentsha nangezinye zezinto engizibonayo, lokho bese kuba umyalezo engiwuthumelayo ngokuyaha izinkondlo,” kusho uMahlaba.

Enye yezinkondlo uMahlaba abhale ngayo ubudlelwano athe budlangile phakathi kwabafundi kanye nothisha. Enaba ngale nkondlo yakhe uthe sekukaningi ebona lesi senzo asichaze njengesenzo esesiyinsakavukela umchilo wesidwaba.

“Othisha baba nobudlelwano nabafundi abagcina ngokubakhulelisa.

Imvamisa emva kwalokho umfundi uyakhulelwa abe nontwana, into uthisha ayenzayo ukukhokhela ogogo inhlawulo kube njalo ukuphela kwekusasa lomfundi.

“Ngale nkondlo ngithi lesi senzo asiphele nya athi umfundi uma ebona uthisha abone umzali.

Kukonke nje kodwa ngithumela umyalezo kuwo wonke umuntu. Ngishumayela ubunye, ukubekezelelana, uzwano kanye nobuntu,” kusho yena.

Ube esegqugquzela intsha ukuthi ibeke imfundo phambili kodwa uma umuntu omusha enekhono alisebenzise.

Icwecwe lika Mahlaba liyatholakala kuyena, abalifunayo bangamshayela ku-082 325 5663

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.