Umndeni awuneme ngokuphathwa kwecala

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE: sithunyelwe

UNksz Nompilo Ndlovu owabulawa ngesihluke eMbali ngo 2013.

ISITHOMBE: sithunyelwe UNksz Nompilo Ndlovu owabulawa ngesihluke eMbali ngo 2013.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngokwenzelwa phansi ingalo yomthetho umndeni wakwaNdlovu e-Unit 2 eMbali emva kokuba osolwa ngokubulala ashise indodakazi yawo ngo-2013, engaphandle yize kuthiwa wazivumela yena icala.

UNksz Nompilo Ndlovu owayeneminyaka engama-23 kwenzeka isigameko, wabulawa ngesihluku sokunqunywa nokushiswa waqede wagqitshwa ngemumva kwendlu yangasese yakubokammangalelwa.

UMnu Thamsanqa Ntenza uvele kafushane eNkantolo kamantshi ngoMsombuluko okugcine ngokuthi icala lihlehliselwe umhlaka-23 kule nyanga ngoba kuthiwa umphathi wecala akalandelanga imigudu efanele yokuphenya icala.

Ummangalelwa kuthiwa emva kokuba ephume ngebheyili ngo-2014 uke wazama ukushayisa umalume wakhe ngemoto ngoNdasa (March) walo nyaka, njengoba ebengomunye wofakazi.

Ekhuluma ne-Echo unina kamufi uNksz Gida Ndlovu uthe akagculisekile ngendlela leli cala eliphethwe ngayo, njengoba ummangalelwa engakaze abuthule ubufakazi phambi kwenkantolo kusukela leli cala langena enkantolo ngo-2014.

Uthe umufi wasukelwa ummangalelwa ezibuyela endaweni yokucima ukoma ngomhlaka 26 Zibandlela (December) owafike wamlandela wamdonsa, waze wayombulalela kubo.

“Akusavumi nokuthi ngidle uma ngicabanga ngesihluku indodakazi yami eyabulawa ngaso, kodwa icala liluke lihlehliswa futhi umsolwa uliqula engaphandle. Okufike kubulale kakhulu umphefumulo wami ukuthi umsolwa wazivumela yena emaphoyiseni emva kokuba kutholakale isidumbu sigqitshwe emva kwendlu yakubo.

“Selokhu langena enkantolo, akakhulumi lutho, ukhulunyelwa abammeli kuze kube icala liyahlehliswa. Sesiphelelwe ithemba ngoba sibona sengathi umthetho uhudula izinyawo.

“NgoMsombuluko obekufanele umsolwa athule ngabo ubufakazi, kugcine sekukhulunywa ngezinsolo zokuzama ukushayisa ngemoto omunye wofakazi, esikhundleni sokuthi kukhulunywe ngecala lokubulala. Sihlukumezekile kakhulu njengomndeni ngoba kusho ukuthi kufanele uze ube nemali ukuze kwenzeke ubulungiswa.

“Ukuhudulwa kwezinyawo ekuquleni leli cala nami kungibuyisela emuva ngoba angikwazi ukuqhubeka nempilo ngikhohlwe okwenzeka,” kusho yena.

Amalungu omphakathi akhulume nephephandaba kepha angathandanga ukudalulwa athe aweneme ngendlela leli cala elisingethwe ngalo, njengoba umsolwa engaphandle ngemibandela yokuthi akasondeli eMbali, bathi kodwa uyaqhubeka nokubonakala endaweni.

“Abangani bamufi sebesabela izimpilo zabo ngoba umsolwa usaqhubeka nokubonakala la. Isigameko sakamuva sokusabisa ufakazi ngokuzama ukumshayisa ngemoto sikhombisa ngokusobala ukuthi asiphephile.

“Kunokuthi leli cala liye phambili, sibona sengathi bakhathazeke kakhulu ngokuphepha kwakho kunecala alenza. Umthetho awudlale indawo yawo, kade sigqigqa enkantolo singayiboni indlela eya phambili,” kusho ilungu lo mphakathi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.