Umndeni ukhala ngesigwebo ‘esincane’

2015-10-08 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

UNksz Nompilo Ndlovu owabulawa ngesihluku sokunqunywa nokushiswa eMbali ngo-2013.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE UNksz Nompilo Ndlovu owabulawa ngesihluku sokunqunywa nokushiswa eMbali ngo-2013.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wakwa Ndlovu eMbali e-Unit 2 uthi awuneme ngesigwebo seminyaka engu-15, esinikwe loyo owabulala indodakazi yawo uNksz Nompilo Ndlovu owabulawa ngesihluku sokunqunywa nokushiswa ngo-2013.

Ngokusho kukanina kamufi uNksz Gida Ndlovu, uMnu Thami Ntenza ugwetshe iminyaka engu-15 nje vo enkantolo kaMantshi ngeledlule, emihlanu yayo azoyidonsela ngaphandle.

UNdlovu uqhube ngokuthi umndeni a wuneme ngalesi sigwebo njengoba kuphinde kwathiwa uzoqala ukutoka ngaphakathi ngomhlaka 13 kuMfumfu (October).

Uthe indlela abulawa ngesihluku ngayo umufi njengoba anqunywa, washishwa waphinde wagqitshwa emva kwendlu ayiyifanele le minyaka etholwe umsolwa njengoba eminye yayo ezoyidonsa ngaphandle.

Uthi kwakona ukuqulwa kwaleli cala akuzange kuwugculise umndeni njengoba yize ummangalelwa azivumela yena ukuthi walenza leli cala, isikhathi esiningi ubengaphandle njengoba ebelokhu ethola ibheyili enemibandela. UNdlovu uthe selokhu langena enkantolo ngonyaka odlule ummangalelwa uze waqala ukuzikhulumela enkantolo kulo nyaka njengoba icala belilokhu lihlehliswa.

Uqhube kanje: “Kuningi okwenzekile selokhu leli cala lingene enkantolo njengoba ummangalelwa eke waphula imibandela yebheyili ngoNdasa (March) walo nyaka.

“Uzame ukushayisa umalume wakhe ngemoto njengoba ebengomunye wofakazi baleli cala. Phezu kwalokho liquliwe icala, wanikwa enye ibheyili enemibandela.

Uthe basayinile ngoba kuthiwe icala lingase liqale phansi.

“Thina njengomndeni besifisa ukuthi athole iminyaka esukela ku-20 kuya ngaphezulu edonsa ngaphakathi ngenxa yobulwane abulala ngabo indodakazi yethu,”

Okhulumela iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal uNksz Natasha Ramkisson uthe: “Uma umndeni ungagculisekile ngalesi sinqumo, ungaxoxisana nemantshi. Njengabashushisi siyawaqula amacala kodwa isigwebo sikhishwa iJaji noma iMantshi.

Kuyenzeka ukuthi amacala aqalwe phansi kabusha kodwa izimo ziyahlukana.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.