Umsakazi woMgungudlovu FM ugubhe elokuzalwa ngokuhlomisa abesimame

2015-08-27 06:00























UNksz Nana Makhanya (ophakathi nendawo) ugubhe iminyaka engu-55 ngokuhlomisa abesifazane ngezindlela zokuzithuthukisa emcimbini obuse city hall ngeledlule. Lapha uthathwe namadodakazi akhe u Tiny no Nonhl

UNksz Nana Makhanya (ophakathi nendawo) ugubhe iminyaka engu-55 ngokuhlomisa abesifazane ngezindlela zokuzithuthukisa emcimbini obuse city hall ngeledlule. Lapha uthathwe namadodakazi akhe u Tiny no Nonhl

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMSAKAZI woMgungundlovu 107.6 FM odume ngele ‘Ngelosi engenamaphiko’ ugubhe iminyaka engu-55 yokuzalwa ngokuhlomisa imbokodo ngamacebo okuzithuthukisa.

UNksz Nana Makhanya ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa, inyanga yabesifazane waphinde wathula ngokusemthethweni inhlangano yakhe engenzi nzuzo iZithande Community Development, emcimbini obusehholo ledolobha hall ngeledlule.

UMakhanya ongowokudabuka endaweni yaseMpophomeni wasungula le nhlangano ngo-1997 ngenhloso yokukhuthaza abantu ukuba bashintshe ukwenza ukuze kulwiswane nokutheleleka kwabantu ngegciwane lengculazi.

Kulona lolu suku obelugabe ngezinkulumo ezakhayo ezehlukene, kuphinde kwakhanyiswa namakhandlela ukukhulekela izingqinamba ezibhekene nabesifazane bakuleli.

Ekhuluma ne-Echo uthe: “Njengoba uNcwaba kuyinyanga yabesifazane futhi kuyinyanga engizalwa ngayo ngibone kukuhle ukuba ngiqoqe abesifazane ndawonye, ukuze sakhane sikhulume ngezinto ezingathuthukisa izwe. Okokuqala sikhulume ngokuthi abesifazane bangawenza kanjani umehluko kubona, emindenini yabo nasemphakathini abayakhele. Kubalulekile ukuthi kube khona izinto abazenzayo eceleni ukuzithuthukisa okungabalwa ukudlala izitokofela.

“Abesifazane sebenikwe amathuba amaningi kunesikhathi sangaphambilini, okumele bawasebenzise lawo mathuba ngokuzisungulela amabhizinisi abo. Siphinde sakhuluma futhi ngokubaluleka kokuzithanda, ukudla ngendlela efanele nokuvocavoca umzimba ukuze uhlale uphilile.

“Ekugcineni sikhanyise amakhandlela ukuze sikhuleke kuNkulunkulu ukuthi abuyise isithunzi somuntu wesifazane nesizathu amdalela sona, sicele nokuthi asikhanyisele ezingqinambeni esibhekene nazo.”

UMakhanya uthe bekuyiphupho lakhe leminyaka ukuthi athule le nhlangano ngokusemthethweni.

Uthe: “Emva kweminyaka ngisebenza njengomeluleki walabo abusuleleke ngegciwane lengculazi, ngabona ukuthi yize kukhulunywa kakhulu ngalesi sifo, abantu abaguquki endleleni abaziphatha ngayo.

“Ngangifuna ukukhuthaza abantu ukuthi bashintshe, kodwa ngaphambi kokuthi bashintshe ushintsho luqala kumuntu ngaphakathi. Esigxile ngakho kule nhlangano ukucathulisa abantu ukuthi bashintshe, ngoba esikutholayo ukuthi abantu abafuni ukushintsha ngoba babambelele ezimweni ezibuhlungu esezadlula.

“Sikhuthaza ukuthi abantu bazixolele bona ngaphakathi , ngaphambi kokuba bafune ukushintsha izimpilo zabo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.