‘Unyawo alunampumulo’

2015-04-30 16:46

THINA beGreater Edendale Residents’ Association (Gera) sithi Ma-Africa yebo abahambe ngoba asibadingi abokufika kepha akusiyona indlela elungile yokwenza le esenza ngayo.

Singakubuka ngeso lokuthi kusifanele, kanti cha lutho akusifanele neze. Uma sibhekisisa kuneningi labantu base-Ningizimu Afrika abasemazweni angaphandle.

Uma beshaywa abokufika kuleli nabo nabo ngaphandle basengozini yokushaywa nokuhlukunyezwa.

Sinemidlalo kanobhutshuzwayo kanti amaqembu ethu kuyaye kudingeke ukuthi aye kodlala kuwo la mazwe angomakhelwane bethu kuleli zwekazi i-Afrika emidlalweni ye-Caf.

Kungaba mnandi yini na uma belinyazwa abadlali baseNingizimu Afrika, mhlawumbe ngokushiswa noma baklajwe.

Lokhu kushaywa kwabantu bokufika kulimaza umnotho wezwe lethu.

Ngendlela amanye amazwe kuleli zwekazi asibuka ngayo, singazithola sesikhishwa inyumbazana futhi lokhu kungenyusa izibalo zabantu abangasebenzi baseMzansi.

Uma sithi asibadingi ezweni lethu asikhumbule phela ukuthi nathi sake saya kobhaca emazweni angaphandle.

Futhi-ke asingakhohlwa ukuthi unyawo alunampumulo.

Kanti futhi isiZulu sithi: Isisu somhambi asingakanani, singangenso yenyoni. Sesikhulumile iSilo, maluju maZulu!

Sicela kwabokuhamba ukuthi bangene eMzansi ngendlela, babe namaphepha abagunyaza ukuthi babe lapho futhi bazithobe.

Kanti futhi sicela noHulumeni wethu esimthandayo, esamvotela ukuthi asibhekelele thina zakhamizi zaseMzansi.

Asingahlupheki ezweni lethu. Sithi uHulumeni akabhekisise futhi axazulule izinkinga ezikhona, okuyizo ezisuse le nkinga ngoba phela izikhona ezinkulu.

Siyabonga kakhulu ngembizo nenkulumo yeSilo samaBandla. Bayede Nkosi yoHlanga.

GREATER EDENDALE RESIDENTS’ ASSOCIATION

Pietermarizburg

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.