Uphume ngezinkani umphakathi uzokweseka imindeni kwelokudlwengula

2015-07-09 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Lawa ngamanye amalungu        omphakathi abezokweseka imindeni emibili ecaleni lokudlwengulwa kwamantombazane amabili ayo.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Lawa ngamanye amalungu omphakathi abezokweseka imindeni emibili ecaleni lokudlwengulwa kwamantombazane amabili ayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI waseMpophomeni ugcwale ngaphandle kwenkantolo kamantshi eHowick ngoLwesine olwedlule ukuzokweseka imindeni yamantombazanyana amabili okusolwa ukuthi adlwengulwe umlisa oneminyaka engu-40 ubudala uMnu Bhekumuzi Mbokazi.

UMbokazi udedelwe ngebheyili ka-R2000 njengoba ezobuyela enkantolo zingu 29 Ntulikazi lapho ezobe esevela enkantolo okwesithathu ebhekene naleli cala lokunukubeza lamantombazanyana afunda kwesinye sezikole samabanga aphansi eMpophomeni ngenyanga edlule.

Umphakathi ubudinwe ugane unwabu emva kokuthi ijaji lithathe isinqumo sokumnikeza ibheyili.

Yize kunjalo umphakathi uphinde waqinisekisa ukuthi leli cala uzoza uzoleseka lize liphele yize ungeneme mayelana nesinqumo sokukhishwa komsolwa ngebheyili. Kuzothanyelwa leli cala amalungu omphakathi kanye nalawo avela ezinhlakeni ezihlukene ezifana neSAPS Youth Desk, amalungu e-Treatment Action Campaign (TAC) nawo abezoveza elawo igalelo ngokuzoba yingxenye yomphakathi obubhikisha ngaphandle kule nkantolo. Usihlalo we SAPS Youth Desk uMnu Ndumiso Zuma uthe ukuza kwabo enkantolo njengamalungu entsha eMpophomeni ukuzokweseka umndeni wakwaDlamini nowakwaKhanyile, okuyimindeni edlwengulelwe abantwana bamantombazane ngenyanga edlule uNhlangulana (June).

UKhanyile uqhube wathi njengentsha akuzange kuvume ukuthi bahlale bagoqe izandla bathule babukele lesi senzo esihlasimulisa umzimba.

“Inhloso yethu namhlanje ukuzothi akuphele ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane ngoba kuyinto embi futhi esingeke siyemukele kulo mphakathi wakule ndawo.

“Asihambisani neze nalesi senzo esenzeka kule ndawo esihlala kuyona. Sibone kuyinto enhle ukuthi thina njengentsha siphune ngobuningi bethu ukuzokhuza umhlola siphinde siqinisekise nasemindenini ukuthi sikhona ukuzoyeseka osukwini lwanamhlanje.

“Esikufisayo ukuthi umthetho udlale indawo yawo ngokuthi ungabi nazwelo kumenzi walesi senzo kodwa ajeze futhi athole isigwebo esifanele ukuze afunde isifundo,” kubeka uZuma.

Umgqugquzeli weTAC KwaZulu-Natal uMnuz Mzamo Zondi uthe baphambene nokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane.

“Inyanga uNhlangulana iqala ibe nesonto lapho sisuke sigubha futhi sisuke seluleka ngamalungelo nangokuphathwa kwabantwana. Kuyona futhi le nyanga kuba inyanga lapho kusuke kubungazwa intsha ezweni lonke. Sithi siyi-TAC asiwadingi amadoda azokwenza njengomsolwa.

“Sifisa futhi siyagcizelela ukuthi umthetho udlale indawo yawo. Sisazophuma ngobuningi bethu ukuzoba ingxenye yaleli cala yize umsolwa ekhishiwe ngebheyile. Lokho okusho ukuthi usephumile noma usededelwe,” kusho uZondi.

Amalunga omphakathi athembise ukubuyela futhi azoba yingxenye yaleli cala lapho umsolwa ezovela

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.