Uqokwe kowezincwadi uMzi Mngadi

2015-05-14 06:00
ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-ECHO

Umbhali osemnkantshubovu uMzi Mngadi nencwadi yakhe ethi and#034;Yekanini amaFilistiand#034; eqokwe njengencwadi evelele ngaphansi kwezilimu zesiNguni abakwa South African Book Development Awards

ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-ECHO Umbhali osemnkantshubovu uMzi Mngadi nencwadi yakhe ethi and#034;Yekanini amaFilistiand#034; eqokwe njengencwadi evelele ngaphansi kwezilimu zesiNguni abakwa South African Book Development Awards

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI wase Mgungundlovu osemnkantshubovu uMnu Mzi Mngadi usenxuse ababhali nabakhiqizi bamafilimu ukuba bangene emashalofini ezincwadi ukuze bakwazi ukuguqula izincwadi zibe amafilimu, njengoba kwenziwa phesheya kwezilwandle.

UMngadi ukusho lokhu emva kokuqokwa kwencwadi yakhi ethi “Yekanini AmaFilisti” njengenye yezivelele ngabakwa South African Book Development Council ngaphansi kwezilimu zesiNguni. Le ncwadi etholakale ezitolo zezincwadi ngonyaka odlule ikhuluma ngempi yososeshini ababili okuphetha ngokuchitheka kwegazi eliningi phakathi kwalabo soseshini negazi labagibeli abangenacala. Kule ncwadi ukhuza udlame olukhona embonini yamatekisi, futhi ufanisa abantu abakule mboni namaFilisti indlela abenza ngayo izinto.

Uthe ufisa ukuba abantu bakule mboni bafunde ukuthi akubuyiseli ukuxazulula inkinga ngokuthi kuchitheke igazi.

Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe ngaphansi kwalesigaba, uthe: “Ngizizwa ngikhethekile kakhulu ngoba yize nginenqwaba yemiklomelo ngaphansi kwegama lami, umklomelo wokuqala lo esigabeni sikazwelonke njengoba ngiqhathwe nazo zonke izilimi zesiNguni.

“Kukhombisa ukukhula komsebenzi wami nokuthi abantu bayakuthakasela engikwenzayo.”

Uphinde wanxenxa ababhali nabakhiqizi bamafilimu ukuba bangene emashalofini ezincwadi ukuze benze amafilimu ngokubhalwe ezincwadini. “Ababhali baseNingizimu Afrika banekhono eliyisimanga, kodwa esikhathini esiningi kugcina kuyinto ephelela kulelizwe kuphela.

Siyanxusa izinhlangano zamabonakude nababhali bamafilimu ukuba bangene emashalofini ezincwadi ukuze izincwadi zizokwenziwa amafilimu njengoba kwenziwa emazweni aphesheya.

Liningi igolide abangaphuma nalo, kanti futhi abanye abantu into ingena kangcono kubona ngokuthi bayibuke njengefilimu kunokuba bayifunde encwadini,” ephetha. Ukhuthaze ababhali abasebasha abasafufusa ukuba bazijwayeze ukufunda imibhalo yababhali asebemnkantshubovu abahlukahlukene ukuze bakhule ngokomsebenzi.

“Isizwe esingafundi siyafana nesifile. Ukuze ababhali abasafufusa bavuleke ingqondo kubalulekile ukuthi bafunde imisebenzi ehlukahlukene. Umuthi omuhle ngabe owase-Afrika noma owaseNtshonalanga, wakhiwa ngezithako ezihlukene, yingakho kubalulekile ukuthi bacaphune ulwazi kubabhali abahlukahlukene,” kuphetha uMngadi.

Umcimbi wokuklonyeliswa ngale ncwadi uzoba se-Goli ngenyanga ezayo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.