Uqweqwe lwephoyisa “lungumphrofethi wesibili emva kukaJesu”

2015-10-01 06:00
ISITHOMBETO:NOMPENDULO NGUBANE

UMnu Mlungisi Gcumisa othi       ungumphrofethi wesibili emva  kukaJesu futhi uzoshintsha umhlaba njengoba yena          engusomlomo ukuxhumanisa abantu noNkulunkulu emazulwini.

ISITHOMBETO:NOMPENDULO NGUBANE UMnu Mlungisi Gcumisa othi ungumphrofethi wesibili emva kukaJesu futhi uzoshintsha umhlaba njengoba yena engusomlomo ukuxhumanisa abantu noNkulunkulu emazulwini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USIGAXAMABHANDE wasemaphoyiseni usethi khumu esikhundleni sakhe esiphezulu ngenhloso yokulandela ubizo lwakhe lobuphrofethi njengoba ekholelwa ukuthi ungumphrofethi wesibili emhlabeni wonke jikelele emva kukaJesu.

UBrigadier Mlungisi Gcumisa (56), osebezikhundlakhundla emaphoyiseni, uthi umhlaba ngeke uphinde ufane njengoba yena ezichaze njengomuntu onesiphiwo esingajwayelekile sokuxhumanisa abantu noNkulunkulu, akhulume naye futhi ozoshintsha umhlaba ungaphinde ufane ngoba yena uzobe enza konke ayalelwe ngakho uNkulunkulu.

Ekhuluma nephephandaba i-Echo esehhovisi lakhe eDavis Alex alishiye izolo esethi khumu ngoba eyoqhuba ubuphrofethi njengomkhulumeli kaNkulunkulu, uthe yonke le minyaka ubefihliwe endimeni yobuphoyisa kodwa njengamanje useyoqhubeka nokushintsha umhlaba abe usomlomo kaNkulunkulu ebantwini emhlabeni jikelele. Uthe konke kuqale ngonyaka wezi-2012 lapho kwaqala izwi limemeza ezindlebeni zakhe limtshela ukuthi akaphume esontweni i-African Congregation Church abe ekhonza kulo ngaleso sikhathi. Uthe waba nokungabaza, waqhubeka waliziba leli zwi kodwa laqhubeka njalo limluleka futhi limtshela ukuthi akahambe ayokhonza esontweni leZiyoni nalokho agcina ekuvumile ngoba ebona ukuthi izwi lasemazulwini limfuna ephume wayokhonza esontweni leZiyoni.

Kumanje uGcumisa usonte e-New Holy Apostolic Church eSwayimane lapho nomndeni wakhe ukhona.

“Ngingumphrofethi wesibili emhlabeni wonke olandele uJesu. Ngikhethiwe ukuthi ngikwazi ukuxhumanisa abantu noNkulunkulu kodwa konke lokho ngizobe ngikwenza ngiyalelwa ezulwini. Kumanje umsebenzi sengiwuqalile ngoba ngiba nesikhathi lapho ngiba nengxoxo ekhethekile namazulu lapho ngisuke ngithola imiyalelo yokuthi ngenzeni.

“Ukuxoxa umzekelo nje, kuthe ngephasika ngaba nengxoxo nasemazulwini. Ngabuzwa njengoba ngase ngibekiwe njengoMfundisi esontweni ukuthi ngabe yimaphi amazwi engiwakhethile ukukhuluma ngawo. Ngabala amazwi ayisikhombisa nalapho ezulwini base belungisa khona bengitshela ukuthi amazwi awasona isikhombisa kepha ayishumi nanye (11).

“Ngachazelwa ngalamazwi nangendlela okumele achazwe ngayo kwabe ukubona kwami ukuthi ngivulelwa okusemfihlakalweni,” kusho uGcumisa.

Uphinde waveza ukuthi yena unguZakewu. Echaza kabanzi ngalokhu uthe uZakewu wehliswa emthini ngoba uNkulunkulu ezobe evakashele emzini wakhe. Nami-ke ngiyalelwe ukuthi ngishiye konke kodwa ngiphokophele obizweni lami lokushintsha umhlaba nabantu. Kuningi engiyalalelwa khona nokwembulwayo kimina,” eqhuba.

UGcumisa akathandanga ukunaba kakhulu ukuthi ngabe ingxoxo yakhe nasezulwini iye yenzeke kanjani, kuphi futhi nini.

“Lokho kuyimfihlo engingavumelekile ukuthi ngiyitshele omunye umuntu. Ngobukhona bami nangomyalelo engizowuthola ezulwini indlala izophela, ububha nazo zonke izinkinga ezikhona futhi abantu bazokwazi ukuthi ngabe yini okumele bayenze nokuthi bayenze kanjani”.

Uthe umndeni wakhe nawo usuze wavuma ukuthi ungumphrofethi wesibili olandela uJesu.

“Baba nenkinga ekuqaleni kodwa emva kokubashintsha baxhumane nezingelosi lokho konke kushintshile. Ngibakhulumela nezingelosi ezulwini bathole zonke izimpendulo abazidingayo,” kusho uGcumisa

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

TUT extends recess

51 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.