Usakhala umphakathi ngomgwaqo uThwala

2015-07-30 06:00
Lesi ngesinye sezitamukoko esimbiwe ngenxa yokunwetshwa komgwaqo uThwala eMbali unit 3. Umphakathi ukhala ngokuthi izitamukoko zashiywa zivulekile zingavaliwe lokho osekudale ukwesabela abantwana ukuthi bazolimala.ISITHOMBE:
NOMPENDULO NGUBANE

Lesi ngesinye sezitamukoko esimbiwe ngenxa yokunwetshwa komgwaqo uThwala eMbali unit 3. Umphakathi ukhala ngokuthi izitamukoko zashiywa zivulekile zingavaliwe lokho osekudale ukwesabela abantwana ukuthi bazolimala.ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUYAQHUBEKA ukwakhiwa komgwaqo uThwala eMbali Unit 3 emva kokuma amasonto amabili njengoba abasebenzi bavele bazihlalela emakhaya, bangaya emsebenzini ngenxa yezinkinga.

Enye yezinkinga ukungaholelwa ngesikhathi kwabasebenzi nokungabikhona kokuxhumana phakathi kwabasebenzi nenkontileka ebaqashile.

Ngenxa yalokhu sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba ukuthi abasebenzi badube ukusebenza.

Akubona bodwa abasebenzi abanezinkinga kodwa nomphakathi nawo usuzwakalise ilaka lawo mayelana nokungenami kwawo ngalokhu kwakhiwa komgwaqo.

Ngesonto eledlule umphakathi wale ndawo uvimbe umgwaqo ngendunduma yenhlabathi ngoba uthi udiniwe yikho belu ukungapheli kwalo mgwaqo.

Ongumxhumanisi womphakathi uMnu Themba Zondi ukuqinisekisile ukuthi abasebenzi babuyelile emsebenzini ngoMsombuluko, waphinde wathi izinkinga ezikhona ngaphakathi bayazama ukuzilungisa.

Yize kunjalo ukungenami komphakathi kona kusaqhubeka.

Iphephandaba i-Echo ngesikhathi livakashele kulo mgwaqo likhulume nezakhamuzi ebezingeneme neze mayelana nalokhu kuthatha isikhathi eside ukuwuphothula lo mgwaqo.

Ezinye zezinkinga ezivezwe umphakathi ukungabi khona kokuphepha kubantwana. Omunye wezakhamuzi ekhuluma naleli phephandaba uthe ngesikhathi kumbiwa, bamba bavula izitamukoko zabo ngoba kunwetshwa umgwaqo.

“Ngesikhathi bemba bamba bavula izitamukoko bashiya bengazivalile. Izitamukoko ezilapho kuhamba khona umzila wokunwetshwa komgwaqo zimbiwe.

“Kumanje zivulekile azivaliwe kanti sisabela abantwana ukuthi bazolimala uma bedlala emgwaqeni baphoseke phakathi.

“Okubi kakhulu ukuthi bathatha isikhathi eside kanti kumanje bayayeka baphinde futhi basebenze. Asazi ukuthi yini eyenzakalayo esikufisayo ukuthi kwakhiwe umgwaqo uphele ukuze siqhubeke sibuyele esimweni, siphile impilo esiyijwayele.

“Asineme futhi sikhathazekile siwumphakathi,” kusho isakhamuzi.

UZondi uthe bayazi ukuthi umphakathi ukhathazekile washo nokuthi njengoba sebebuyela bazimisele ngokuthi ithi iphela inyanga uNcwaba (August) libe selifakiwe itiyela.

“Siyazi ngokukhathazeka komphakathi futhi siyazi ukuthi kuzoba khona izinselelo kodwa sizimisele ukuthi senze konke okusemandleni ukuqeda le ntuthuko.

“Njengoba ngake ngasho ukuthi ukuxhumana nomphakathi yikhona okubalulekile, siyazama ukuthi lokho sikufeze,” kusho uZondi.

Ikhansela lika wadi 22 uMnuz Pat Jaca uthe uyazi kunezinkinga ezikhona kanti naye uyafisa ukuthi umphakathi kubhekelelwe izikhalo zawo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.