Usale nobukugqokile umndeni kusha indlu

2015-05-05 07:34
Ukuqhuma kwesigubhu sikagesi kuyasolakala ukuthi yikho okuqubule umlilo oshise indlu yomndeni wakwaDlangisa
isithombe: SITHUNYELWE

Ukuqhuma kwesigubhu sikagesi kuyasolakala ukuthi yikho okuqubule umlilo oshise indlu yomndeni wakwaDlangisa isithombe: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USALE nezimpahla obuzigqokile kuphela umndeni wase Azalea ngesikhathi kusha kungqongqa indlu oqashe kuyo ngoLwesihlanu olwedlule.

UMnu Mthandeni Dlangisa (35) obehlala kule ndlu kanye nomndeni wakhe uthe kushe yonke into okubalwa kuyo ngisho izimpahla zamalungu omndeni wakhe.

Lokhu kwenzeke ngezikhathi zasemini nokulapho uDlangisa aziswa khona ngokuqubuka komlilo.

Elandisa iphephandaba i-Echo uthe akazi ukuthi ngabe yini imbangela yokuthungeleka komlilo. Uthe okuvelayo komakhelwane nababekhona, ababona kuqubuka umlilo kusolakala ukuthi edalwa ukusha kwesigubhu sikagesi eseqhumile.

“Ukuqhuma kwesigubhu sikagesi kusolakala ukuthi yikho okuqubule lo mlilo oshisa indlu,” kuqhuba yena.

Uthe ukuthola kwakhe ngalokhu washayelwa ucingo watshelwa ukuthi kumele aphuthume njengoba ayelapho ebambe khona itoho.

“Ngathuka kakhulu ngoba kwakuyinto engangingayilindele ngesikhathi ngithola ucingo mayelana nesehlakalo. Okwafika emqondweni wami ngazibuza ukutho ngabe ikhona yini into engazange ishe.Ngafikelwa imicabango yezimpahla zami ngoba ngangazi ukuthi umndeni wami awukho ngaleso sikhathi. Kushe yonke impahla ebikhona endlini kumanje akukho lutho. Kwasha imibhede emibili, omabonakude ababili kanye ne computer yami engisiza kakhulu nayo yasha yangqongqa,’ kuqhuba uDlangisa.

Elinganisa inani lezimpahla zakhe ezishile liyafika ku-R50 000. Uthe nazo zikhona ngoba ubezama, apatanise azithenge ngemali ayithola ngokubamba amatoho ezingadini zabantu.

“Ngiyafisa ukuthola usizo kunoma ubani ongaba nozwelo. Kushe ngisho izimpahla zokugqoka, kuyimanje sisele nezimpahla esizigqokile kuphela. Uma kungakhona ongasisiza asixhase nanoma ngaluphi usizo singakuthokozela lokho. Nokuba siyadla kungenxa womngani wami okunguyena osipha ukudla ukuze sikwazi ukulala sidllile. Asikhethile mayelana nosizo siyokwamukela noma iluphi usizo esingaluthola kubantu,” ezikhalela.

UDlangisa ubuye wathi uyabonga ngoba akekho umuntu olimele kulesi sigameko. “Akekho owayekhona endlini nokwadala ukuthi kungabi namuntu owalimala,” kusho uDlangisa. Ofisa ukusiza uDlangisa angamshayela ku-078 608 3719

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Who will lead the ANC?

2017-01-22 00:07

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
How much food do you need to concentrate?

We have been taught that we need three meals a day in order to make it through the day and while most of us indulge in more than our fair share there is a large portion of South Africans who are living off barely enough to sustain them.

/World

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.