Uthi awunakiwe umphakathi wase France

2015-05-21 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Ilungu lomphakathi uMnu Mduduzi Hlongwane ekhomba lapho kungene lapho khona itekisi ephaphalaze yaphelelwa amabhuleki.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Ilungu lomphakathi uMnu Mduduzi Hlongwane ekhomba lapho kungene lapho khona itekisi ephaphalaze yaphelelwa amabhuleki.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UDINWE ugane unwabu umphakathi waseFrance ohlala eduzane nesikole samabanga aphezulu IMpumelelo emva kwengozi yetekisi elimaze abantu abayishagalombili (8) izolo ekuseni.

Le ngozi yenzeke lapho kubikwa khona ukuthi itekisi ebithwele abagibeli iphelelwe amabhuleki yaphaphalaza yaye yayobambeka ehlashaneni budebuduze nomgwaqo.

Kule ndawo kuhlala imindeni engama-26 esifisa ngabe isisusiwe kule ndawo yayiswa kwenye ngenxa yokusabela izimpilo zawo.

Amalungu omphakathi abedinwe efa atshele leli phephandaba ukuthi lena sekuyingozi yesishagalolunye yenzeka.

Lo mgwaqo unejika elicijile izakhamizi ezikhala ngalo ukuthi yilo eselidale ukuthi kube nezingozi eziningi ezenzeka kule ndawo.

Ngokuchaza kwelungu lomphakathi uMnu Mduduzi Hlongwane, lokhu kwenzeka nje vele banezikhalazo kumasipala bacela ukuthi ungenelele ubasize ngokunweba umgwaqo.

Omunye wezakhamizi ongathandanga ukudalulwa uthe sesiside isikhathi becela kumasipala ukuthi ubalungisele lo mgwaqo unwetshwe noma okungenani basuswe kule ndawo abahlala kuyona.

“Lokhu bekungenxa yokusabela izimpilo zethu kanye nezingane zethu. Ngonyaka odlule kungene iloli komunye umuzi kamakhelwane yafahlaza wonke umuzi.

“Kwenzeka lokhu sizitshela ukuthi kungenzeka bakuthathele phezulu ukulungisa lo mgwaqo.

“Kuze kube imanje umnikazi wendlu akanandlu, abazi nokuthi uhlalaphi.

“Kuyacaca ukuthi umasipala uyosukumela lolu daba uma kuke kwaba khona umuntu ofayo.

“Okwamanje njengoba kungakafi muntu ngeke baze benze lutho. Sinabantwana abafundayo abahamba kulo mgwaqo ngezikhathi zasekuseni lapho kusuke kuphithizela khona ekuseni.

“Ngezikhathi zasekuseni yilapho futhi kusuke kuhamba izimoto ngesikhulu isivinini,” kusho isakhamuzi.

UMnu Hlongwane uthe sesiside isikhathi lo mphakathi uzama ukukhuluma nomasipala kodwa akukho umasipala okwenzayo.

“Sekuyisikhathi sokuthi singene emgwaqeni sikhombise ukuthi le nto ibaluleke kangakanani. Kulimale bonke abantu abebesemotweni ngenxa yale ndawo embi.

Sicela umasipala usinwebele indawo noma umphakathi ususwe wakhelwe ngaphesheya eduzane neposi,” kuqhuba uHlongwane.

Okhulumela umasipala uNksz Nqobile Madoda uthe sifakiwe isicelo salo mphakathi kwisabelo mali sangonyaka ozayo lapho kucelwe ukuthi babhekelelwe ngokufakelwa izinsimbi zokubiywa emgwaqeni.

Uqhube wathi okunye okubalulekile ukuthi abantu bazi ukuthi imigwaqo akusiyona edala izingozi kodwa kumele kube abashayeli abashayela ngokucophelela.

“Ukulungiswa komgwaqo kuthatha isikhathi eside kanti futhi ukudweba ukuthi umgwaqo ume kanjani nakho kuthatha isikhathi.

“Ukudwetshwa komgwaqo kuyaqikelelwa ukuthi kudwetshwa ngendlela ephephile kanti nabashayeli bayanxuswa ukushayela ngendlela,”esho uMadonda

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.