Uyesaba umama womntwana ‘owadlwengulwa’

2015-10-01 06:00

UHLALELE ovalweni umama wentombazanyana yaseMbali e-Unit BB okusolwa ukuthi yadlwengulwa owesilisa abaziwa ngomalume ohambisa izingane esikoleni.

Lona wesifazane uthi ukuthethwa yicala kukaMnuz Zwe Sithole (46) emva kwezinsolo zokudlwengula ingane yakhe eneminyaka emine nje, sekumfakele itwetwe elikhulu. Isehlakalo senzeke ngoNhlangulana (June) lapho kwaboshwa uSithole mayelana necala lokudlwengula. NgoNcwaba (August) uSithole waphuma emva kokuba inkantolo ithole ukuthi akanacala ngenxa yobuufakazi obachazwa njengobungekho.

Umama womntwana uthe akeneme ngalokhu futhi waphinde wasola amaphoyisa ngokungamazisi futhi amtshele mayelana nokuqhubeka kuze kube icala liyacishwa. Uthe yize engazi ngendlela amaphoyisa asebenza ngayo kodwa uyakholelwa ukuthi njengomzali okunguye owavula icala unelungelo lokwaziswa ngokuqhubekayo ngecala.

Kamuva nje uthe njengoba uSithole esephumile uzizwa yena nomntwana wakhe benokwesaba okukhulu ngoba uSithole unakho ukumlandela yize kodwa ebe engasho lutho.

USithole yena uziphikile lezi zinsolo wachaza lona wesifazane njengomuntu othikamezekile ekhanda lakhe ngokuthi aze amsole ngokumlandela. Uthe usambone kanye kuphela futhi nalokho kwenziwa ukuthi yena ungumshayeli olanda izingane esikoleni yingakho-ke aye ahlangane nabantu njengomuntu osuke esemgwaqeni.

“Mina lapha eMbali isekhaya futhi ngisebenza ngomgwaqo. Ngithutha abantwana, ngakho-ke ngeke ngingabonakali emgwaqeni wangasekhaya ngoba ngiyashayela zonke izinsuku.

“Ngisambone kanye selokhu ngaphuma. Uma ethi mina ngiyamlandela angikaze ngize ngikwenze lokho. Ngambona ehamba nayo ingane kodwa ayikho into engayisho kuyena kunalokho wabamba ingane yakhe ubona ukuthi uyibalekisela ukuthi ibona mina,” kusho uSithole.

Umama womntwana yena uthi useze wayisusa ingane lapho behlala khona ngoba kuba ukumbona uSithole yesabe, ithi umalume uzoyibulala.

“Angizizwa ngiphephile, impilo yami neyomntwana wami isengcupheni. Umntwana usaba ngisho ukugibela imoto, kungakho nje sengivele ngimhambise mina qobo lwami esikoleni.

“Nakhona esikoleni ngabayala ukuthi bangalinge banikeze muntu imvume yokulanda umntwana ngaphandle kokuthi alandwe ugogo wakhe “

UZIZWA YENA NOMNTWANA WAKHE BENOKWESABA OKUKHULU NGOBA USITHOLE UNAKHO UKUMLANDELA YIZE KODWA EBE ENGASHO LUTHO

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.