‘Uyohlala ekhumbuleka ngamahlaya akhe UMdav’uyadavuza’

2015-07-09 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Esithombeni kusuka kwesokunxele umakhelwane Steven Cele, umngani kaMasondo Smangasendlala Zondi ne ndodana yakhe uNkosinathi Masondo eMpophomeni ekhaya lapho uMasondo ubesezinhlelweni zokuvula indawo ephambili yokudayi

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Esithombeni kusuka kwesokunxele umakhelwane Steven Cele, umngani kaMasondo Smangasendlala Zondi ne ndodana yakhe uNkosinathi Masondo eMpophomeni ekhaya lapho uMasondo ubesezinhlelweni zokuvula indawo ephambili yokudayi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUHLULEKA kokusebenza kwezinso kumthathe lapho sekusele kancane akhiphe icwecwe futhi aphinde avule nendawo ephambili yokungcebeleka ekhaya labazali bakhe eMpophomeni umculi weSoul Brothers yodumo uMnu David Masondo (67).

Lokhu kushiwo indodana yakhe endala uMnu Nkosinathi Masondo (47) ofana nse noyise wakhe.

UMdavu’yadavuza, njengoba ebaziwa uDavid, uzalwa intombi yakaZwane noMpondozamile’enjeni Masondo. Iphephandaba i-Echo livakashele eMpophomeni lapho likhulume nomngani kamufi abakhula naye kusukela beyizingane, baba izinsizwa kwaze kwaba baba ngamadoda emizi.

UMnu Smangasendlala Zondi uchaze lo mculi njengeqhawe athe liphindwe kabili.

UMasondo ubenemizi emibili eHammarsdale, ose-Extention yase-Unit 2 nosendaweni wabadla izambane likapondo ebizwa ngokuthi kukwaMazakhele bude buduze nalona omunye. Ngaphandle kokwaziwa ngokuba yingcokama elabe lishintsha izingubo zokugqoka noma kathathu ngosuku futhi elabe liyisoka, umndeni kaMasondo uthe uyohlale umkhumbula “ uMdav’uyadavuza” ngamancoko akhe nothando lwakhe ngomndeni wakhe.

UZondi uqhube ngokuthi lo umculo kwakubonakala ukuthi yinto uMasondo ayogcina futhi aphelele kuyona ngoba kwabe kuyinto ekuyena kusukela ekhula kwaze kwaba uyahamba uya kwaNdongaziyaduma.

“Uzalelwe endaweni yasemakhaya eDulela engekude kakhulu nakhona lapha esikhona. Le ndawo uyithola uma uhamba ngendlela elibhekise eHowick. Ufunde esikoleni samabanga axubile (combined) ngaleso sikhathi esasibizwa ngeHowick kodwa manje esesibizwa ngeNjoloba.

“Imfundo yakhe yonke uyifunde kuleso sikole waze ube uyaqeda. Kube neqembu elalibizwa ngeJet okuyiqembu lokuqala alijoyina edansa khona. Ngaleso sikhathi uma iqembu liyodlala kwakuqala ntambama kuze kube sekuseni sasikubiza ngo-6 to 6 lokho.

“Ngokufadalala kweqembu ke kulapho yena amabambo awabhekisa eHammarsdale lapho abe eqonywe khona. Wagcina eyishadile okwaba unkosikazi yakhe yokuqala uMaSithole uMummsy naye ongasekho.

“UMaSithole wabe engowakwaZenzele khona lapha kodwa bathuthela eHammarsdale ngoba indawo kwabe kungeyabokudabuka baseNdiya. Ngenhlanhla uthe uma efika evakashile eHammarsdale wathola ukuthi kuneqembu iSoul Brothers elabe lilungisela ukuya Egoli liyoqhuba wona umculo.

“Akabange esasala naye wahamba nabo baya Egoli,” kusho uZondi.

UMasondo noMaSithole babusiswa ngabantwana abantwana abathathu, umfana oyedwa namantombazane amabili. Echaza uZondi obelokhu emoyizele njalo ekhuluma ngomngani wakhe uthe uMasondo bathi uma befika beyiqembu le Egoli, lashisa ilanga.

“Ukushisa kwelanga kuchaza ukuthi kubi imali ayingeni futhi akuhambi kahle kumculo abebewenza. Ngokuhlakanipha amalunga eqembu le-Soul Brothers abona ukuthi umuntu oyimbangela yokushisa kwelanga kwabe kungumphathi wabo uHamilton Nzimande base bekhetha ukuphuma bodwa baziculele ngaphandle kokuthi babe ngaphansi kwesandla sakhe.

“Kwangeniswana ezinkantolo kwangangokuthi uNzimande walwa ethi uma becula abangazibizi ngamaSoul Brothers bashiye igama.

“Igama “Ogandaganda BaseNingizimu Africa” laqhamuka kanjalo ngoba kwakuthi uma kudlalwa umculo wabo oMasondo lingasetshenziswa igama lama Soul Brothers ngoba kwakusaliwa impi enkantolo abagcina beyiwinile,” kubeka uZondi.

Indodana yakhe nayo ibilandela ezithendeni zikayise ngoba nayo ibiyilungu leqembu Oguluva elabe liqalwe wuye uMdavu. Iqhuba indodana ithe uyise ubenesithembu ngoba wabuye washa nonkosikazi wesibili, uNkk Wendy uMaGumede abagcina babe nezinkinga kwaba kugqashuka kwefindo phakathi kwabo.

“Umama uMaGumede waba nabantwana ababili umfana oyedwa nentombazane,” kusho yena.

Indodana kaMasondo ikuvezile ukuthi ubaba wayo unabanye abantwana nabo abalahlekelwe ngokudlula kwakhe emhlabeni.

UMasondo udlule emhlabeni ngeSonto emva kokuxinwa izinso kanti uzofihlwa ngeSonto emva kwenkonzo ezokuba seMpumalanga Stadium khona eHammarsdale. Namhlanje ngoLwesine kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo lapho okwabe kuyikolishi lubuthishela iMpumalanga.

Imenenja yamaSoul Brothers uBhodloza Nzimande kuleli sonto ucashunwe emibikweni yamaphephandaba ethi kuzokuba kunamalungiselelo enye inkonzo yesikhumbuzo ezoba seGoli khona namahlenje uma izinhlelo zihambe kahle.

Kuleli qembu sekusele uMoses “Black Moss” Ngwenya kubaculi abadala nabaqala leli qembu emva kokuhamba kukaMdavu.

Kwabanye asebalishiya leli kungabalwa uTuza Mthethwa noZenzele Mchunu.

UNgqongqoshe wezamaCiko namaSiko uNathi Mthethwa ungomunye walabo abathumele umyalezo wokuzwelana nomndeni kaDavidi Masondo ethi ekudlula kwakhe emdlabeni kufana nembibizane kumaciko emhlabeni wonkana.

“Iqembu njengoba lasungulwa ngo-1974, lapho kwabe kunzima khona kakhulu emlandweni wezwe, lajabulisa imiphakathi yabasebenzi kanjalo nalabo abahlwempu ezindaweni zasemakhaya, likhuluma ngezinselelo zabo liphinde libanike ithemba ngomculo,” kusho uMthethwa esitatimendeni sabezindaba

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.