Uzibona eya kude owemidlalo yomoya

2015-05-21 06:00
ISITHOMBE: SIthUNYELWE

Umbhali wemidlalo yomoya uMnu   Sebastian Jiliuthi kusekude lapho eya khona, njengoba enesifiso sokubhala imidlalo kamabonakude.

ISITHOMBE: SIthUNYELWE Umbhali wemidlalo yomoya uMnu Sebastian Jiliuthi kusekude lapho eya khona, njengoba enesifiso sokubhala imidlalo kamabonakude.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

YIZE egogode emkhakheni ongajwayekile wokucwaninga izinkanyezi (astrology), uzibona ebhala imidlalo kamabonakude owesilisa waseMgungundlovu umdlalo wakhe womoya osanda kuzwakala emsakazweni UKhozi FM. UNOKULUNGA NGOBESE uxoxisane noScelo Sebastian Jili ongowokudabuka endaweni yaseMafakatini.

Lo mdlalo womoya osihloko sithi ‘Wawuvumelani’? uneziqephu ezingama-30 kanti uqale ukuzwakala kulesi siteshi ngesonto eledlule. Ubuciko bokubhala busuka kude kuJili njengoba ngaphambilini eke abhalela namaphephandaba ahlukahlukene okubalwa kuwona nengosi yamahlaya. Kumanje ucwaninga izinkanyezi kwelinye lamaphephandaba ansukuzonke esiZulu. Ngaphandle kwalo mdlalo, useke wabhala nemidlalo yomoya eminingi ebidlalwa emisakazweni yemiphakathi. UJili uthe yize ubenikwe izihloko eziningi angabhala ngazo, ukhethe ukubhala ngesihloko sokudayiswa komzimba (prostitution) okuyinto abantu abaningi abasabayo ukukhuluma ngayo.

Uthe: “Ngikhethe lesi sihloko ngoba ngibona intsha eningi iba yizisulu zalo mkhuba. Abantu abasha bayazithanda izinto eziwubukhazikhazi, ngakho kulula ukulutheka ukuthi bangene kulo msebenzi ukuze bathole imali esheshayo.

“Ngalo mdlalo ngifisa ukujivaza lo mkhuba nokubakhuthaza ukuthi noma ngabe kuthiwa izimo sezibacindezele kanjani, basangavuka bazithathe.”

Ekhuluma ngothando lwakhe lokubhala uthe: “Ngo-1992 ngaqokwa njengovelele ekubhalweni kwezindaba ezimfushane elinye lamaphephandaba esiZulu, okulapho engabona khona ukuthi nginothando futhi nginesiphiwo sokubhala. Ngibe sengithola nethuba eliyingqayizivele lokubhalela amaphephandaba ahlukene, yize ngangingakuqeqeshelwanga dawo ukubhala.”

UJili oneziqu emkhakheni wokucwaninga ngezinkanyezi uthe wakhetha lo mkhakha ngoba enentshisekelo ngokufunda ngendlela abantu abaziphatha ngayo. Uqhube wathi yize eqeqeshelwe omunye umkhakha, luselude uhambo lwakhe emkhakheni wokubhala, njengoba ngelinye ilanga ezibona engumbhali wemidlalo kamabonakude.

“Ngizoqhubeka ukubhala imidlalo yomoya kodwa eminyakeni embalwa ezayo nginesifiso sokuzibona sengibhala nemidlalo kamabonakude eyobukwa umhlaba wonke.”

Uyale ababhali abasafufusa wathi: “Kubalulekile ukuthi usondelane nabantu abanalo ulwazi kwezokubhala, ubahluphe ngokuhlale njalo ufuna ulwazi. Ukuzethemba nakho kubalulekile ukuze uphumelele, ngoba uma uzenyeza ulwazi lwakho luzoba lufushane ngoba awuzukwazi ukuhlanganyela nabanye.”

Ngaphandle kokubhala uphinde abe nenhlangano engakhokhelwa ebizwa nge-Nkanyezi Development Agency, okumanje isisize abafundi abahlwempu bezikole ezahlukahlukene endaweni yaseVulindlela abangaphezu kwama-50 ngomfaniswano wesikole nokudla.

UJili uphethe ngokuthi akubalulekile ukuthi umuntu usukaphi kodwa okubalulekile ukuthi uyaphi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.