Wakhe ipaki umndeni wakwa Dlamini eMaqongqo

2015-05-14 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

Le ndawo yokungcebeleka iCentury Park    isendaweni yase Zinambeni kuqala eyayaziwa ngendawo yakwa Mbinda. Yakhiwa umndeni wakwa Dlamini ukuze umphakathi waseMaqongqo ukuwazi ukuthola indawo yokuphumula nokuzithokozisa.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Le ndawo yokungcebeleka iCentury Park isendaweni yase Zinambeni kuqala eyayaziwa ngendawo yakwa Mbinda. Yakhiwa umndeni wakwa Dlamini ukuze umphakathi waseMaqongqo ukuwazi ukuthola indawo yokuphumula nokuzithokozisa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGOKUBONA ukuthi umphakathi waseMaqongqo namaphethelo uyayidinga indawo yokungcebeleka umndeni wakwa Dlamini ukhethe ukwakha ipaki ukuze lo mphakathi uthole indawo lapho uzophumula khona. Le paki ibizwa nge Century Park esigcemeni sekhansela uMnuz Roger Zondo.

Omunye welungu lomndeni wakwa Dlamini uMnuz Zazi Dlamini uthe lokhu bakwenze nomfowabo omdala uMnuz Fisokwakhe Dlamini. Le ndawo yokungcebeleka isendaweni yase Zinambeni kuqala eyayaziwa ngendawo yakwa Mbinda. Echaza ngesikhathi ekhuluma nephephandaba i-Echo mayelana nokwakhiwa kwalendawo uDlamini omncane uthe kuyabajabulisa ukubona ukuthi umphakathi uyakuthokozela ukuba khona kwale ndawo ngoba uyayisebenzisa uma uzophumula.

Okunye le ndawo iseduzane nesithabathaba somuzi walowo oyisekela likaSomlomo esishayamthetho saKwazulu Natal uMnuz Meshack Hadebe.

“Siqale ngonyaka ka 2010 lapho sibhukule khona sahlanganisa sayenza lepaki ukuba ibe yipaki ezokulungela ukusetshenziswa umphakathi,” esho uDlamini.

“Ipaki lena yakhiwe emagcekeni nasendaweni yasekhaya kwaDlamini. Kunomuzi kwamfowethu omdala phakathi bese kuphinda kube nezindawo zokuphumula nezokuhlala esazakha sinaye umfowethu. Kukhona imipheme eyakhiwe ngotshani kuphinde futhi kube nezambulela ezakhiwe ngezintingo. Iyafika ke imindeni izohlala iphumule ifike futhi yose nenyama noma iphumule izijabulise. Le ndawo ithathwa njengendawo yokuphumula kanti thina sisazimisele ukuthi kube indawo okuzoba yiyona yokuqala ukuntu okumele ayicabange uma efuna ukuzophumula nomndeni wakhe,” eqhuba.

Akugcinanga lapho kuphela kodwa uDlamini uthi beyakuqinisekisa ukuhlanzeka kwale ndawo ngasosonke isikhathi.

“Lokhu kufakazelwa izihlahla umfowethu aye azithenge lapho kudayisa khona izihlahla nezimbali. Asingakakwazi ngayo ukuthi abantu uma befika bakhokhe imali engakanani kodwa siye sicele ukuthi nje basinike imali encane ezokwazi ukuthi ibhekelele ukuhlanzwa kwayo indawo. Siphinde sathatha amatshe esiwathole ekhaya sawathatha sawafaka sabiyela ngawo,” esho.

Uthe yize ibhodi legama lepaki lingakachonywa ukuthi libonakale kodwa sekuqinisekisiwe ukuthi igama layo iCentury Park kanti umuzi okanye nayo wona ubizwa ngokuthi “Amajama” okuyisithakazelo sakwaDlamini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.