Wawumuhle umcimbi woKhozi FM... kodwa

2015-06-25 06:01

MHLELI: Ngibe nenhlanhla kulo nyaka ekutheni ngibe yingxenye yezindimbane zabantu abebehambele umcimbi woKhozi FM lihlanganisa iminyaka engu-55 eMphithi ( Oval Cricket Stadium).

Ngangingahambike ngedwa kodwa ngangiphethe intokazi yaseMaqongqo yakoGatsheni (hahahaha). Ngabe ngiqamba amanga mangingathi kukhona umzuzu engingawujabulelanga. Kwakumnandi ngendlela eyisimanga futhi kwakuboshelwe zonke izinkunzi zabaculi abaphuma phambili eMzansi. Alukho nohlobo lomculo olwalungekho, kusukela kwigospel, kwaito kuya maskandi kanjalo nehip hop. Ngachazwa nayindlela abasakazi ababewuphethe kahle ngayo umcimbi futhi nowawusezingeni eliphezulu ngendlela eyisimanga. Okwangijabulisa kakhulu ukubona iqembu likaShwi noMtekhala okokuqala ngqa futhi ladlala bukhoma ngachazeka. Yize-ke lingayidlalanga ingoma yami ‘Ingafa’ kodwa ngancanywa. Kwangijabulisa nokubona uMtshengiseni eseluleme nengifisa ukufa kumyeke phansi ngoba sisamdinga kakhulu.

Ukufingqa nje, bonke abaculi basidlalela into ecokeme ikakhulukazi uSfiso Ncwane, DJ Merlon, Zakes Bantwini, DBN NYTZ nabanye ngokunjalo. Ngibongile nakumphathi wezokukhangisa uMr Mu Ngcolosi kwitwitter ezinsukwini. Hhayi sabuye sabona nabadlali bemidlalo eshisa izikhotha oKhozini njengeKusa Kusa naboZalo kumabonakude.

Kodwa mina kwezimidlalo yomoya ngizifela ngalona othi ‘Wawuvumelani’. Kukhona isicelo enginaso sokuthi ngokuzayo engathi kungasheshe kuqalwe bangabe sebekhishwa kabuhlungu abaculi bengasadlalanga nezingoma eziyintandokazi futhi nezizelwe cishe abantu abaningi.

Ngakubona nokwenzeka phakathi kukaNaakmusik (MJ) nomunye usisi owayegqoke ezimhlophe woKhozi FM. Kwasiza ukungenelela kuka Irvin Sihlophe ngenxa yokuthi wayengafuni ukuphuma engakayidlali i‘Call Out’.

MFANAFUTHI ‘JIKA Pantsula’ nzuza

eSigingqini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.