Zase sihlangeni futhi izingqungqulu zebhola laseMzansi

2015-07-30 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Zaphinde zahlangana izingqingqulu zebhola laseMzansi, engabe kuyonqoba ban! Kolalwa ngoMgqibelo sekwaziwa.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Zaphinde zahlangana izingqingqulu zebhola laseMzansi, engabe kuyonqoba ban! Kolalwa ngoMgqibelo sekwaziwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABALANDELI bebhola abangenawo amathikithi okuyobukela kubambene izinkunzi ezimbili zaseMzansi, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, sebeyozisiza ngokuthi umdlalo bawubuke kumabunakude noma ezindaweni zokubuka zomphakathi.

I-Profesional Soccer League isibanxusile impela ukuthi bangazami ukusondela enkundleni okuzobe kudlalwa kuyo, iye-FBN.

“Hlala ekhaya uma ithikithi ungalithengaka futhi ungenalo”.

Lokhu kunxuswa kwabalandeli ukuba baqaphele futhi balele ezokuphepha bekuchithwe kuzozonke izinkundla nezindlela zokuxhumana.

Phela abathandi bebhola izwe lonke balindeleke ukuthi babheme bakholwe uma izinkunzi zaseSoweto nezikhokho kuleli AmaBhakabhaka namaKhosi bebambane kuthule umoya.

Phela iBhakaBhaka namaKhosi azobe edlala okokuqala iSoweto derby (umdlolo womkhaya) kulo nyaka kanti futhi abantu kubhekeke ukuthi babulale inyoka ngoMgqibelo enkundleni.

Kulokhu lezi nkunzi ezilandelwa izigidi ngezigidi lapha eMzansi zizobe zinephuzana kwiCarling Black Label Cup.

Phela kulo mqhudelwano abalandeli banikezwa ithuba lokuthi baqoke noma bavotele abadlali abafuna ukubabona bedlala noma beqala umdlalo ngale mpelasonto.

Abanye abalandeli ababili abanenhlanhla bayonikwa ithuba lokuhlala ebhentshini ngoMgqibelo babe abaqeqeshi bosuku.

Noma imizwa yabalandeli ibonakala isobala ukuthi bafunani nokuthi yibaphi abadlali ababezwa ekhaleni nasezinhliziyweni zabo, kodwa onozinti bala maqembu womabili babonakala bethandwa ngendlela eyisimanga.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi izithandwa zabalandeli kula maqembu kwakuwo Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs) no Senzo Meyiwa (Orlando Pirates), kodwa kulezi nsuku o-Brilliant Khuzwayo no-Brighton Mhlongo yibona zithandwa zabalandeli.

Lokhu kubonakale ngendlela abahehe ngayo abavoti babalandeli bala maqembu, kwavele kwacaca bha ukuthi bayazifela ngabo.

Ngokwezibalo zalo mqhudelwano uKhuzwayo uhehe amavoti ayisigamu sesigidi (500 000), kanti uNjomane (Mhlongo) yena ubesadonse amavoti awu-300 000 ezinsukwini ezedlule.

Kungenzeka ukuthi ukuthi izinamba noma ukubalwa kwenyuke ngasekupheleni kwaleli sonto ngoba phela ukuvota kuyaqhubeka.

Okufanele kukhunjulwe ngalabo nozinti ukuthi bake badlala ndawonye eqenjini lesizwe labafana abangaphansi kwamashumi amabili nantathu (South African Under 23), elalidume ngaMaGlug-Glug eminyakeni edlule.

Kanti omunye umdlali oziqoqele amavoti amaningi uReyaad Pieterse weChiefs odonse amavoti angu 103 000.

Lo mdlalo weCarling Black Label Cup uzobe udlala okwesihlanu (5th edition) futhi selokhu waqala udlalela eFNB Stadium.

Omunye owayeyingwazi kwi-Orlando Pirates futhi wabuye waba ngukaputeni eqenjini u-Edward “MaGents”Motale uthi amaBhakaBhaka asethubeni elihle lokunqoba ngoba phela kumanje badlala imidlalo yeCaf Confederation Cup.

“Eish! Mina ngithi iPirates ibukeka ingcono kakhulu kuneChiefs. Ukhoshi ubazi kahle abadlali bakhe ngoba kade abakhona futhi-ke Bhuti wami sebedlale isikhathi eside bendawonye.

“Lokho kungabenza bawine iSoweto derby, ukuthi nje singakhishwa wukuthi umdlalo onje uhlale ulikhuni and maybe iform okuyo ayichazi lutho,”kusho uMotale. Kanti owayewukaputeni kwiKhosi isikhathi eside uNeil Tovey uthi kulukhuni kwasatshe ukusho ukuthi ubani ozodla umhlanganiso.

“Hhayi, iSoweto derby ihlale ilukhuni ukuyiqagela ukuthi iizonqotshwa ubani, mhlawumbe njengomuntu owadlala kwiChiefs kungcono ngithi amaKhosi azowina,” kusho uTovey

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.