Zisabisa ngokuduba ukhetho izinduna

2015-08-27 06:01
Usihlalo wezinduna eMgungundlovu uMnu Mduduzi Mthethwa uthi bazoduba ukhetho uma isicelo sabo sokuhola sigcina singaphumelelanga.PHOTO: file

Usihlalo wezinduna eMgungundlovu uMnu Mduduzi Mthethwa uthi bazoduba ukhetho uma isicelo sabo sokuhola sigcina singaphumelelanga.PHOTO: file

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZISABISA ngokuduba ukhetho izinduna KwaZulu-Natal uma uhulumeni wesifundazwe egcina ngokuphikisa isicelo sazo sokuthi zihole.

Lezi zinduna ebezihlangene esiShayamthetho ngeledlule, zithe phezu kokuba uMengameli wezwe uJacob Zuma asayina isivumelwano sokuthi kuholelwe izinduna ngo 2014, lesi sifundazwe isona kuphela esingaziholeli.

Usihlalo wezinduna esifundeni saseMgungundlovu uMnu Mduduzi Mthethwa uthe imali abayithola zinyanga zonke engango R1 300 bayithatha njengesibonelelo, hhayi umholo njengoba kwezinye izifundazwe izinduna zihola R5 000 kuya phezulu.

Ekhuluma ne-Echo, uthe: “Ngo-2014 uMengameli wethu wagunyaza ukuthi kuholelwe izinduna, washo nokuthi kuzomele ziqale ukukhokhelwa imali kusukela ngo-2013.

“Kwezinye izifundazwe izinduna zithola amaholo asukela ku-R7 000 kodwa thina sithola lesi sibonelelo sika-R1 300, futhi naso esitholwa izinduna ezingaphansi kwemikhandlu yamakhosi (traditional councils).”

Uqhube wathi emva kokumiswa kwemashi eyayizoba ngenyanga edlule, uNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli beNdabuko KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube wabathembisa ukuthi kuzoshaya umhlaka-15 kule nyanga sekukhona ‘uchatha’ aseke bawuthola.

“Sizoqhubeka sizibandakanye ezingxoxweni nobuholi besifundazwe kodwa uma sigcina singalaleleki sizophoqeka ukuba sithathe izinyathelo ezinqala.

Sizobonisana namakhosi ukuze singavumeli ukhetho luqhubeke ezindaweni zasemakhaya.

“Sizocela nokwelulekwa ngokwezomthetho ukuthi njengoba uMengameli ayesayine lesi sivumelwano, zikhona yini izindlela esingafaka ngazo uhulumeni enkantolo. Uma kuhlula lapho sizongena emgwaqeni ukuzwakalisa izimfuno zethu,” kuphetha uMthethwa.

Ezinye izinduna zikhale ngokuthi akungagcinwa kuphela ngesibonelelo kodwa zithole nezinye izibonelelo ezitholwa abasebenzi bahulumeni, okubalwa uhlelo lwezindlu, ne- medical aid.

Zithi akuthi kuxoxwa ebe uhulumeni kukhona akukhokhayo njengoba zikweletwa nje.

Unobhala we-Congress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) esifundazweni Inkosi Nhlakanipho Maphumulo uthe kubalulekile ukuthi lusukunyelwe lolu daba njengoba kwezinye izindawo kunemibiko yokuthi udaba lokuhlongozwa kokuhola kwezinduna sekudale uqhekeko phakathi kwamakhosi nezinduna.

Okhulumela uCogta uMnu Msawakhe Mayisela uthe ubuholi besifundazwe buyalihlonipha kakhulu igalelo lezinduna emiphakathini yamakhosi, ingakho bezocela ukuthi zibekezele uhulumeni wesifundazwe esalilungisa loludaba

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.