Zizofudumala izaguga kulobusika

2015-08-27 06:00

ABESIFAZANE abangamalungu oMgunundlovu Regional Taxi Council babungaze imbokodo eyizaguga yakwaSwayimane ngezingubo zokulala njengoba kusaqhubeka imigubho yenyanga yabesifazane.

Imbokodo eyizaguga engu-28 igixabezwe ngezingubo zokulala ukubabungaza nokuphinde igubhe lolu suku kanye nabo.

Abesilisa nabo abazange basale ngaphandle njengoba idlanzana labo lihlomule ngazo izingubo zokulala. Usihlalo wedesiki labesimame (women desk) kuMgungundlovu Regional Taxi Council uMenzi Ngubane uthe lokhu into njengomama bemboni yamatekisi abayenza minyaka yonke uma kusuke kugujwa inyanga yabesifazane.

Uthe lokhu kusuke kuwuphawu lokukhombisa ukunakekela kanye nokuzwelana nalobo mama bona abasuke bengakwazi ukuthi bazenzele noma kube nezinto abazithengela zona bona qobo lwabo. “Kulokhu sithe ake sijubalale siye eSwayimane ngoba isikhathi esiningi noma esidlulile lokhu besikwenza lapha eMgungundlovu kuphela. Kuthina siyimbokodo esembonini yamatekisi kusifikele ukukhumbula ukuthi amatekisi ethu awagcini nje kuphela lapha eMgungundlovu kodwa ahamba aze afike e Mooi River nakwezainye izindawo ezisondelene nakhona. Sihlanganile-ke sabe sesicela omama bangakuzo lezi zindawo ukuthi basibhekele abantu abangadinga usizo. Babe sebebakhetha base besazisa ukuthi bangobani nokuyibo-ke esibe sesibathengele izingubo ukuze bafudumale kulobu busika,” kusho uNgubane.

Kulo mcimbi bekukhona nabavela ohlangoothini lwezenhlalakahle. Omunye wezihambeli ezivela kuMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi nguNksz Khwezi Njoko obonge wanconcoza ngalesi senzo sosomathethisi besimame baseMgungundlovu. UNjoko uthe lesi senzo sabesifazane bemboni yamatekisi siyancomeka kakhulu. Omunye wezaguga ezihlomule ngezingubo ugogo uFakazile Gcumisa (69) wasendaweni yase-Ekupholeni uthe ujabulile kakhulu.

“Kusukela namhlanje ngizolala ngale Ngubo,” kusho lesi isaguga.

UNgubane ululeke imbokodo iziphathe kahle.

“Kuningi okuye kuqhamuke kube yizithiyo kodwa owesifazane oqotho uyamelana nazo futhi aqikelele ukuthi akabi yisisulu sezinto ezimbi,” kusho uNgubane

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.