Afele emsebenzini wawo ‘amasosha’ abengobhululu

2016-01-21 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE UMnu Thembinkosi Sithole oshonele emsebenzini ngeSonto ntambama kanye no’phathina’ wakhe uMnu Mdunyiswa Shozi emva kokulimala kulandela ukusakazwa phansi umshini abebegibele kuwo belungisa isigxobo sikagesi.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE UMnu Thembinkosi Sithole oshonele emsebenzini ngeSonto ntambama kanye no’phathina’ wakhe uMnu Mdunyiswa Shozi emva kokulimala kulandela ukusakazwa phansi umshini abebegibele kuwo belungisa isigxobo sikagesi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAKHUNGATHEKILE imindeni emibili emva kokushona kwamalunga omndeni wawo asebenzela umasipala uMsunduzi afe esemsebenzini ngeSonto ntambama emva kokudedeleka kwamahhuku omshini abagibela kuwona lapho belungisa okonakele ezigxotsheni zikagesi.

Umshini kuthiwa udedele amahhuku ngesikhathi usubehlisa, washaya iloli oxhunywe kulo kwase kudala ukuthi laba basebenzi boba bili bathanqazeke, balimale kanzima.

La ‘masosha’ afele emsebenzini wawo uMnu Thembinkosi Sithole (63) noMnu Mdunyiswa Shozi (45). USithole ungowase Dambuza kanti uShozi ngowase Maqongqo.

Ngokuchaza komndeni kaSithole isehlakalo senzeke ngeSonto ntambama lapho uSithole ebesemsebenzini no’phathina’ wakhe uShozi belungisa isigxobo asasikade sishayiswe yimoto ngoMgqibelo emngwaqweni uNew Scotland kuBurton Avenue e-Pelham. Ichaza indodakazi kaSithole uHlengiwe ithe umbiko wafika kubona ngomakhalekhwini ubanxusa ukuthi baphuthume esibhedlela i-St Annes.

“Sabe sesiphuthuma khona nalapho safica ubaba esezinhlungwini okwakubonakala ukuthi zinzima. ‘Uphathina’ wakhe yena walimala ikhanda kanti yena ubaba ubelimele isandla sakhe sangakwesokunxele kanye neqolo. Sifika wayengakashoni kodwa wayesezinhlungiwini. Kodwa-ke kwagcina naye kumenele,” kusho indodakazi.

Ngenkathi i-Echo ifika emzini wakaSithole, omakhelwane bebegcwele indlu ukuzokhalisa umndeni. UNkosikazi kaSithole uThembisile Mtungwa uhluleke ukuzibamba wasikhihla isililo ngesikhathi echaza ngobuqotho bomyeni wakhe amchaze njengomuntu obethanda umndeni nomsebenzi wakhe.

“Ngilahlekelwe indoda eqotho ebingatshelwa ngokunakekela umndeni wayo. Akekho obemtshela ukuthi kumele enze umsebenzi wakhe ekhaya njengomuntu owubaba. Kumanje isikhala sakhe sesiqalile siyabonakala. Besazi kahle lapha ekhaya ukuthi uma eholile ngomhlaka 25 enyangeni bekungaphekwa kodwa bekuthengwa ukudla (take aways). Phezu kwalokho ubenza isiqiniseko sokuthi usuku nosuku khona afika nakho ekhaya. Ubezithanda izingane zakhe efuna zifunde futhi efuna ukuzibona ziqhubekela phambili nempilo.

“Ngife olwembiza mina kanye nabantwana bami. UShozi lona ashone kanye naye bebehlala bendawonye naye uma besuke beyokwenza umsebenzi noma ikuphi lapho besuke bekhona,” kuchaza uMtungwa.

Umndeni kaShozi awuzange ufune ukunaba kakhulu kodwa ilungu lo mndeni elikhulume naleli phephandaba lithe okwamanje basesezinhlungwini ngakho-ke akukho abangakusho.

UShozi waqala ukusebenzela umasipala uMsunduzi zingu ngonyaka ka-1994 engumsebenzi owenza konke (general worker), kumanje ubesebenza eyibamba leline erector lokho okumenza abe neminyaka engu 21 engumsebenzi wakamasipala.

USithole ubesebenza kumasipala uMsunduzi eyi-artisan assistant futhi esebenza njengebamba leline erector. Ubeseneminyaka engu-38 engumsebenzi kamasipala uMsunduzi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Fire at UJ lecture hall

18 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.