Bafuna kuphenywe induna esolwa ngokudayisa indawo

2015-11-26 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese Incwadi okuthiwa yasayinwa induna uSipho Qoma yazisa Ingonyama Trust ukuthi uBhengu usenikwe indawo KwaMpumuza. UBhengu uthi waphinde wakhokha u-R500 ngaphezulu.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Incwadi okuthiwa yasayinwa induna uSipho Qoma yazisa Ingonyama Trust ukuthi uBhengu usenikwe indawo KwaMpumuza. UBhengu uthi waphinde wakhokha u-R500 ngaphezulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI okhathazekile wasendaweni yakwaMpumuza naseSweetwaters usufuna kungenelele ibhodi elengamele ukuphathwa kwezindawo zasemakhaya elaziwa ngeNgonyama Trust, kulandela ukudayiswa kwezindawo ngezizumbulu zemali osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba.

Yize lo mphakathi wakhe ezindaweni zamakhosi lapho umhlaba ungadayiswa khona, usola izinduna ngokuba nomhobholo njengoba ezinye zazo zidayisa imihlaba ngezizumbulu zemali, ekubeni kungagunyaziwe. Omunye wamalungu omphakathi okhulume nephephandaba i-Echo uMnu Moses Bhengu uthe ukhethe ukuphumela obala ngalesi sihlava esesibaqedile abantu, emva kokuba ethi ethenge indawo enduneni uMnu Sipho Qoma ngo R20 000 ngonyaka odlule, okugcine ngokuthi ambuyisele ingxenye yale mali ngoba ehluleke ukufeza isithembiso. UBhengu uthi wathenga umhlaba endaweni yaseMasimini kwaMpumuza kule nduna nyakenye, waze wenzelwa namaphepha agunyaza ukuthi afakelwe isicelo sendawo ngaphansi kweNgonyama Trust. Uthi emva kokuba enikwe iphepha elisayinwe uyena uQoma elimgunyaza ubunikazi, ube eseqasha ugereja ngo R800 ukuba uyogugula umhlabathi ukuze kuqale ukwakhiwa. Uthi inkinga iqale lapho esethi uyoyibheka indawo, wafica sekukhona obiye ngocingo.

“Ngibe sengiya enduneni njengomuntu esadayiselana nayo, yathembisa ukuthi izophenya ukuthi ubani owakhile. Kusukela lapho ubengasazibambi nezingcingo zami, okugcine ngokuthi ngiyomfuna kwakhe njengoba ebesengumuntu ongatholakali. Ugcine ngokuthi athi ngingabe ngiseza kwakhe. Ngigcine ngokuthi akangibuyisele imali yami ngoba angisizakali. Kuthe ngoNcwaba wanyakenye, ngathola i-sms evela kuyena namanje engisayigcinile eshoyo ukuthi ungifakele u-R10 000 enye imali uyobuye ayiqedele uma esenayo,” kuphetha uBhengu.

Uthe emva kwesikhathi ebona kungenzeki lutho, uye emkhandlwini wenkosi ngoNhlaba (June ) walo nyaka ukuyobika lolu daba, nakhona okungazange kuthuse muntu njengoba ngathi umkhuba vele obusuwaziwa. Uthe emva kokubona ukuthi akwenzeki lutho ube eseya ukuyobikela Ingonyama Trust ngoMfumfu walo nyaka, lapho athi akuthathangwa mininingwane yakhe kodwa watshelwa ukuthi kuzoba nomhlangano.

UBhengu uthi phezu kuka-R20 000 uphinde wakhokha u-R500 ukuze enzelwe incwadi ezobe yazisa le bhodi ukuthi ungomunye wabantu asebenikwe izindawo. Uphinde waziqashela ugereja ngo-R800. Yize iminwe eminingi ikhomba le nduna kuthiwa ziningi nezinye ezidayisa izindawo ngezizumbulu, kwesinye isikhathi uze uthole ukuthi indawo eyodwa ithengwe abantu abangaphezu kwabili. Bathi njengoba umkhandlu wenkosi ungakhombisi ukuba namandla ekulawuleni lo mkhuba, uma leli bhodi lingangeneleli kuzogcina kuphume izidumbu njengoba kunemali ebandakanyekayo.

INkosi Nsikayezwe Zondi ithe kulicala elibomvu ukudayisa izindawo zamakhosi, njengoba abantu bengakhiphi mali, ngaphandle kokukhonzela izinduna kuphela.

“Uma induna ikhonzelwa, loyo ofuna umhlaba uyinika noma yini anayo ukuze anikwe isiza. Uma kwenzeka kuba imali kusukela ku-R1 000 kodwa akubi ngaphezulu. Uma umuntu eseyitholile indawo, ifomu eliphuma emkhandlwini elizoya kwiNgonyama libiza uR10 kuphela. Asiyazi le mali engaka ebizwayo, ngakho siyakhuthaza ukuthi labo abakhokhe imali bavule amacala emaphoyiseni,” kuphetha uZondi.

UQoma uthe akazi lutho yena, kepha wazi ukuthi izindaba zezindawo kade kwaqedwa ukukhulunywa ngazo, njengoba kuyindaba esenkantolo.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela abeNgonyama Trust bengatholakalanga ukuphawula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.