Bakhala ngezigebengu ze-whoonga KwaMpande

2016-01-28 06:00
ISITHOMBE:thabang mathebula Umphakathi wakwaMpande ubhikishe ngaphandle kwenkantolo kamantshi ngoMsombuluko ukuzoseka ozakwabo abasolwa ngokushaya babulaleisigebengu kule ndawo. Lo mphakathi ukhala ngobugebengu obudlangileosebuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba kule ndawo.

ISITHOMBE:thabang mathebula Umphakathi wakwaMpande ubhikishe ngaphandle kwenkantolo kamantshi ngoMsombuluko ukuzoseka ozakwabo abasolwa ngokushaya babulaleisigebengu kule ndawo. Lo mphakathi ukhala ngobugebengu obudlangileosebuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba kule ndawo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UFUNA kungenelele uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa noMphakathi umphakathi wakwaMpande okhala ngokuhlaliswa lubhojozi izigcwelegcwele ze ‘whoonga’ kule ndawo.

Lo mphakathi obuwotha ubomvu ubhikishe ngaphandle kwenkantolo kamantshi ngoMsombuluko kulandela ukuboshwa kwamalunga omphakathi ayisithupha asolwa ngokushaya abulale okuthiwa uyisigebengu ngesonto eledlule. Elinye lamalunga omphakathi elikhulume nephephandaba i-Echo elingathandanga ukudalulwa lithe umphakathi usukhethe ukuzibambela umthetho ngenxa yokuthi amaphoyisa afika kade, kanti nobugebengu kule ndawo sebuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba.

Uthe: “Kulesi sigodi sakwaMpande sifile ubugebengu njengoba ukugqekezwa kwemizi yabantu, ukuntshontshwa kwezinto, ukubulawa kwabantu nokunukubezwa ngokocansi kudla lubi. Zonke lezi zigameko zenziwa abafana abakhona la endaweni abagxike kakhulu esidakamizweni esaziwa nge ‘whoonga’.

“Ngesonto eledlule umphakathi ushaye wabulala omunye umfana osolwa ngokugqekeza antshontshe kweminye imizi kule ndawo. Njengoba besibhikisha ngaphandle enkantolo, sifuna kudedelwe abasolwa njengoba sonke njengomphakathi sibambe iqhaza ekushayeni lesi sigebengu.”

Induna yendawo uMnu Khulekani Hadebe uthe bakhathele izigcwelegcwele eseziphendule le ndawo yaba kampunzi edl’emini. Uthe emva kokuboshwa kwalabasolwa, umphakathi uke wamashela esiteshini samaphoyisa iTaylor’s Halt uyozwakalisa ukukhathazeka kwawo.

Uqhube ngokuthi bazimisele ngokuhlangana nezinhlaka ezihlukene ukuze babonisane ukuthi bangalwa kanjani nalesi sihlava esibi sokusetshenziswa kwewhoonga kule ndawo.

“Siwumphakathi sithi sekwanele ukugqekezwa kwemizi yabantu nokubanjwa inkunzi ilezi zigebengu zewhoonga. Siyafisa ukuba kungenelele uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa noMphakathi ukuze ulekelelane nesiteshi samaphoyisa iTaylor’s ukulwa nalesi sihlava,” kuphetha uHadebe.

Laba basolwa abayisithupha badedelwe ngawo uMsombuluko ngebheyili. .

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.