Bathukuthele bayaveva kunekwa eyabafeyilile eFundokuhle

2016-01-14 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE Udonga lwaseFundokuhle Secondary School obekunekwe kulona        amagama abafundi bakamatikuletsheni abangaphumelelanga.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Udonga lwaseFundokuhle Secondary School obekunekwe kulona amagama abafundi bakamatikuletsheni abangaphumelelanga.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BATHUKUTHELE bayaveva abazali babafundi bakamatikuletsheni abangaphumelelanga base–Fundokuhle Secondary School emva kokuba kunekwe imiphumela yalabo abangaphumelelanga odongweni lwesikole.

Laba bazali abebewotha ubomvu basola uthishanhloko uMnu Mlungisi Maphumulo ngokwehlisa isithunzi salabafundi njengoba amagama anekelwe inoma ubani ofika kulesi sikole, phezu kwalokho kwabhalwa nezifundo abangaziphumelelanga.

Bathi bathuke kwaphela nasozwaneni uma bephelezela abantwana babo ngoLwesithathu olwedlule, bethola leli phepha ebelinanyathiselwe odongweni. Omunye wabazali okhulumen ne-Echo the yize bekhalazile ngalesi senzo kuze kwashaya uMsombuluko lamagama engakhishiwe.

Uthe: “Kungenzeka ukuthi yena wenze le senzo ngoba efuna ukugqugquzela abafundi bakamatikuletsheni balo nyaka, kodwa ngakolunye uhlangothi usidicilele phansi isithunzi salaba bafundi. Lesi senzo asikho emthethweni njengoba noMnyango wezeMfundo kazwelonke ungasawashicileli amagama abafundi emaphephandabeni.”

Omunye wabafundi abangaphumelanga uthe lesi senzo sibaphathe kabi kakhulu ngoba sikhombise ukungahlonishwa kwamalungelo abo.

“Sizamile ukuthi sikhulume nothishanhloko ukuze sithole incazelo kodwa besifike singamfici esikoleni. Into eqalayo ukwenzeka njengoba naye engenaso isikhathi eside elapha esikoleni.

“Sizizwa sithatheke kancane ukuthi yize singaphumelelanga, akumnikezi igunya lokuthi anekele izwe lonke imiphumela yethu.

“Lokhu kusehlise isithunzi ngisho nakwabanye abafundi, ngoba wonke umuntu esikoleni useyazi ukuthi sifeyilile nokuthi iziphi izifundo esingenzanga kahle kuzona, njengoba nazo bezibhaliwe eceleni,” kuphetha umfundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Sihle Mlotshwa usihlabe wasihlikiza lesi senzo wathi singukululaza isithunzi sabafundi.

“Sesike sathola izikhalazo eziningi ezifuze lezi ezikoleni ezihlukene, kodwa njengo Mnyango siyawujivaza lo mkhuba.

“Siyacela ukuba othishanhloko nothisha baseke labo abangaphumelelanga esikhundleni sokubahlaza,” kuphetha uMlotshwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.