Budlangile ubugebengu eMbali Unit 1

2015-11-26 06:00
ISITHOMBE: NOKULUNGA NGOBESE Bakhathazekile abahlali baselokishini Imbali Unit 1 ngobugebengu abathi budlangile kule ndawo. Bathi abasakwazi ngisho ukuthuma izingane esitolo ngoba ziphucwa imali ezisuke zithunywe ngayo.

ISITHOMBE: NOKULUNGA NGOBESE Bakhathazekile abahlali baselokishini Imbali Unit 1 ngobugebengu abathi budlangile kule ndawo. Bathi abasakwazi ngisho ukuthuma izingane esitolo ngoba ziphucwa imali ezisuke zithunywe ngayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMA uzwa amazwi athi “letha imali yami”, baleka uzephule elokishini laseMbali Unit 1. La mazwi asetshenziswa ilaba abasolwa ngokuthi babamba inkunzi kuleli lokishi emini kabha.

Omunye wezakhamizi zakulo leli lokishi uthi ukudlanga kokuhlaselwa nokuphucwa imali nomakhalekhukhwini kwabantu sekuthuse abaningi. Uthe akugcini lapho njengoba manje sekufanele ukuthi uma uwashe, waneka kumele uqinisekise ukuthi izimpahla eziwashiwe ziyagadwa kanti futhi nokugqeza kudla lubi. Uthe kumanje abasakwazi ngisho ukuthuma izingane esitolo ngoba kwazona ziphucwa imali ezisuke zithunywe ngayo esitolo.

Lesi sakhamuzi sithe yize baye bazame ukuthi amaphoyisa nawo athathe indawo ngokugada kodwa lokhu kuphelela emoyeni njengoba lo mkhuba uqhubeka nokwanda kunokuthi uphele.

“Esikhathini esedlule emasontweni adlulile ngisendlini ngibuya emsebenzini ngizwe indoda emgwaqeni ibhongisa owenkomo. Ngithe uma ngiphuma ngibheka ngabona okungabafanyana kubaleka. Ngaphambi kokuba bangibone ngikhuza umhlola ngizwe bethi “letha imali yami,” kusho yena

Ubugebengu okuthiwa budlangile ukugqekeza, ukuthulwa kwezimpahla ocingweni lokuneka nokubanjwa inkunzi.

Ikhansela lika wadi-19 u-Caiphus Ndawonde uthe njengoba i-Community Policing Forum (CPF) ingasebenzi kahle ngenxa yepolitiki eke yaba khona kodwa abahlezi phansi dekle mayelana nokubhekana nesimo.

Uqhube wathi uyazi ngobugebengu obuqhubekayo kuleli lokishi kanti kumanje uphezu kwemizamo yokulwa nalokhu.

“Kumanje simatasatasa sihlela amakomiti azokwazi ukuthi amele izindawo ngezindawo (areas). Lokhu ngeke kube ukubhekelela indaba yobugebengu kuphela kodwa kuzosiza nokubhekelela ezinye izinkinga ezikhungethe umphakathi.

“Asihleli siyazama ukuthi silwisane nalokhu ngokuthi sihlanganise senze lamakomiti ukuze silwe nabo bonke lobugebengu obudlangile,” kusho uNdawonde.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.