Ikhiphe i-CD intokazi yaseFrance

2015-11-12 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE Umculi kamaskandi waseFrance Anoxolo “Sgqebhezana” Mdingi uthi owakhe umculo kamaskani uhlukile.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Umculi kamaskandi waseFrance Anoxolo “Sgqebhezana” Mdingi uthi owakhe umculo kamaskani uhlukile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKHIPHE icwecwe layo lokuqala intokazi ecula umculo kamaskandi yaseFrance kuPhase 2, uNksz Anoxolo “Sgqebhezana” Mdingi.

Le ntokazi eneminyaka engu-21 engeyokudabuka eMatatiele kodwa esizinze lapha eMgungundlovu ikhiphe icwecwe layo kuyo le nyanga uLwezi esihloko sithi “Thongo Lam”.

Enaba kabanzi mayelana naleli cwecwe uthe uze icwecwe lakhe aliphe lesi sihloko kungenxa yokuthi usondelene kakhulu namathongo.

Uthe kusukela ebuncaneni bakhe ungomuntu onobudlelwane obunzulu nethongo.

“Ngikhule emndenini okholelwa kakhulu edlozini nokholelwa kakhulu ezintweni zesintu kanye nemikhuba yakhona.

“Konke lokho kuhlangane nothando lwami lomculo nalapho ngibone khona ukuthi kumele ngikhiphe icwecwe lami bese ngilipha lesi sihloko engiliphe sona. Umculo kamasikandi ungumculo engiwuthanda kakhulu kanti ngiyaziqhenya kakhulu ngawo.

“Abantu abaningi bazozibuza ukuthi ngabe yini ngikhethe lolu hlobo lomculo njengoba ngimncane kangaka. Lokho kwenziwe intshisekelo nogqozi enginalo kulolu hlobo lomculo engiziqhenya ngalo,” kusho uMdingi.

Uthe icwecwe lakhe linezingoma eziyishumi kanti usebenzisane nenkampani i-TMB esendaweni yaseGoli ukupheka lo mculo wakhe. Uphinde waveza ukuthi owakhe umculo kamaskandi ungumculo waseMahlubini onesibhaca phakathi.

“Owami umculo uhluke kakhulu emculweni ojwayelekile kamaskandi. Uxube kakhulu isibhaca kanti yikho lokho okuwenza uhluke kakhulu. Ngikhule ngithanda ingqwele yomculo uBhekumuzi Luthuli. Uyena umuntu engikhule ngifisa ukuthi ngelinye ilanga ngibe sezingeni lakhe lomculo kamaskandi.

“Ekhaya ngikhule ngibizwa ngoSgqebhezana ngoba ngikhule ngithanda ukugqoka izingubo ezimfishane. Ugogo wami kulapho angetha lona leli gama wathi nginguSgqebhezane. Ngibe sengikhetha ukuthi ngisebenzise lona leli gama njengoba kuyilona gama abangazi ngalo emculweni.

“Ingoma “Umoya Wami” enye yezingoma eseduzane kakhulu nenhliziyo yami. Le ngoma ikhuluma kakhulu nami yingakho nje kuyingoma okuyiyo engihlaba umxhwele,” kuqhuba uMdingi.

Leli cwecwe seliyatholakala ezitolo zomculo ezingo Jet Music. Ubonge isiteshi somphakathi uMgungundlovu ngokudlala umculo wakhe.

Ngale kokuba umculi uMdingi wenza unyaka wakhe wokugcina ezifundweni zobuntatheli eDamelin College.

Abangafisa ukumqasha ukuzocula emicimbini bangashayela kwinombolo ethi: 079 184 1124.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.