Kuhlonyuliswe intsha ngokwamakhono

2016-01-07 06:00

SEBEZOTHOLA ukunikezelwa ngamathuba ahlukahlukene okuzihlomulisa labo ababengamasosha. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe uBlade Nzimande ngenyanga kaZibandlela ngesikhathi evakashele indawo yase Dambuza labo okwabe kuzothulwa ngokusemthethweni uhlelo lwe Skills Development Programme eDambuza Youth Development Centre.

UNzimande uthe lolu hlelo uzimisele ukuthi kube uhlelo oluzobhekelela labo ababe besebenza njengamasosha ukuthi nabo kube khona lapho bezozithuthukisa futhi baphinde bazihlomulise bona.

Lokhu ukusho kugcwele phama amalungu omphakathi wase Dambuza namaphethelo, abazali nentsha nalabo futhi abahlomule kuhlelo i-Skills Development Programme okuwuhlelo oluxhaswe yi Sector Education and Training Authority (Seta).

UNzimande uphinde wagcizelela ukubaluleka kwamakolishi ama Further Education and Training (Fet) okungamakolishi agxile kakhulu ngokwemfundo yazamakhono.

Echaza ngala makolishi uthe ngamakolishi amukela wonke umuntu ophumelele noma osuke engaphumelelanga ezivivinyweni zakhe zebanga leshumi. Uphinde wagxeka ukubukeleka phansi kwalama kolishi nalapho athe akusho ukuthi umuntu kumele aze enyuvesi ukuthola imfundo.

“ Kuyajabulisa ukuthi lolu hlelo luthulwa nje kodwa kunabantu abasha abavela kumasipala wesifunda wase Mpofana nalapha endaweni yase Dambuza asebehlomulile ngalolu hlelo.Engingakusho ukuthi ukuze luhlongozwe lolu hlelo kungenxa kaMongameli owabe esengithuma ukuthi ngikwenze lokhu naye elwela ukuthi kuhlomule abantu abasha baphinde bathuthuke nangamakhono. Inhloso ngalokhu ukubhekelela ukuthi le ntsha ithola imfundo noqeqesho elulungele. Kuye kungikhathaze kakhulu uma kukhona laba abangazange baphumelele. Yingakho ke ngivule izandla ngithi abantu abangawabukeli phansi amakolishi athuthukisa ngamakhono. Abantu abakususe emiqondweni yabo ukuthi imfundo ephakeme itholakala emanyuvesi kuphela. Akuphele ukuthi abantu bacabange ukuthi imfundo engcono isemanyuvesi kuphela. Sifuna nokunikeza abantu abadala ithuba lokukwazi ukuthi nabo bazithuthukise bafunde,” kusho uNzimande.

Ngokuchaza kuka Mnu Themba Mhambi ongusihlalo kwa Seta, ingaphezu kwenkulungwane intsha ehlomulile ohlelweni lwe Skills Deveopment Programme.

Le ntsha izothuthukisa amakhono ayo emikhakheeni ehlukene okubalwa i- Beauty Therapy, Health and Hygiene neminye imikhakha ehlukahlukene.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.