Kukhuthazwe ezokuvakasha e-Greater Edendale

2015-11-26 06:00
ISITHOMBE:sithunyelwe UMnyango wezokuVakasha ngokuhlanganyela neMsunduzi Pietermaritzburg Tourism Association bathule ngokusemthethweni uhlelo lokuthuthukiswa kwezindawo zokuvakasha namabhizinisi amancane eGreater Edendale. Kusukela kwesokunxele uNks

ISITHOMBE:sithunyelwe UMnyango wezokuVakasha ngokuhlanganyela neMsunduzi Pietermaritzburg Tourism Association bathule ngokusemthethweni uhlelo lokuthuthukiswa kwezindawo zokuvakasha namabhizinisi amancane eGreater Edendale. Kusukela kwesokunxele uNks

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OYISEKELA likaNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli uNksz Tokozile Xasa usenxuse imiphakathi ukuthi ibambe iqhaza ekuthuthukiseni izindawo zokuvakasha ezindaweni ohlala kuzona.

UXasa ukusho lokhu emva kokuba uMnyango wezokuVakasha ngokuhlanganyela noMsunduzi Pietermaritzburg Tourism bethule ngokusemthethweni uhlelo lokuthuthukisa ezokuvasha namabhizinisi amancane kwi-Greater Edendale ngempelasonto.

Lo mcimbi oqale e-Old Prison waphelela eSodubo guest lodge eCabazini eSigodini bekuhloswe ngawo ukugqugquzela izimboni zokuvakasha ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.

UXasa uqhube ngokuthi kubalulekile ukuthi izinhlaka zokungcebeleka ezakhele imiphakathi zibambe iqhaza ekuthuthukiseni imboni yezokuvakasha, njengoba umnotho omningi wakuleli uqhamuka embonini yezokuvakasha.

Uthe yize zikhona izinhlelo zokuthuthukisa ezokuvakasha kuleli ezifana noTourism Buddies lapho kuqeqeshwa intsha enomatikuletsheni ukuba ingene kule mboni, leli zwe kusafanele lisebenze kanzima ekuthuthukiseni imboni yezokuvakasha ezindaweni zasemakhaya.

Uthe leli zwe lingenza kangcono ngokubukela ezweni iMalaysia lapho kunohlelo lapho izivakashi eziqhamuka emazweni ehlukene zivakashela izindawo zasemakhaya nasemalokishini ukufunda ngesikompilo nokudla kwakhona.

“Leli zwe lingenza kangcono kakhulu kune Malaysia uma nje kungaba khona ukusebenzisana kwezivakashi nezindawo zokungcebeleka zasemakhaya. Imboni yezokuvakasha ikhula ngesivinini kanti idlala indima enkulu ekuthuthukiseni umnotho wakuleli.

“Le mboni iphinde ibe ngezinye ezisohlwini lezinto ezibalulekile ngaphansi kweKwaZulu-Natal Provincial Growth and Development Strategy,” kuphetha uXasa.

UMqondisi weMsunduzi Pietermaritzburg Tourism uMnu Dumisani Mhlongo uthe kusukela ngo-2012 le nhlangano ibisebenzisana nabanikazi bezindawo zokuvakasha emalokishini nasemakhaya ukuze bahlinzekele izivakashi ngezindawo zokuhlala nezinto zokuthutha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.