Ligcine liphelile ihholo elasusa umsindo eCaluza

2015-12-10 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese Seliqalile ukusebenza ihholo lakwa ward 20 eliphothulwe ngo Mandulo walo nyaka.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Seliqalile ukusebenza ihholo lakwa ward 20 eliphothulwe ngo Mandulo walo nyaka.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

EMVA kwezingqinamba mayelana nokwakhiwa kwehholo lomphakathi endaweni yaseCaluza, selize lagcina ngukuphothulwa.

Leli hholo elibize ngaphezu kwezigidi ezinhlanu zamarandi kuke kwabikwa ngalo kuleli phephandaba ekuqaleni kwalo nyaka, emva kokuba amalungu omphakathi esole ukumoshwa kwemali yentela njengoba libhidlizwe selizoqedwa ukwakhiwa, laphinde lakhiwa kabusha.

Umphakathi uze wafuna kungenelele uMnyango wezokuVikelwa koMphakathi ukuze uphenye kabanzi emva kokuba liqale ukwakhiwa ngo-2013 kodwa ukwakhiwa kwalo kwalo kwama laze yaqalwa kabusha ngo-2014 ngo Zibandlela. Kuthe uma selakhiwe laphinde labhidlizwa futhi kulandela ukusolwa kwenkontilaki ebiyakha ngokungawenzi kahle umsebenzi. Yize lingakavulwa ngokusemthethweni, leli hholo liphothulwe ngoMandulo walo nyaka kanti seliqalile ukusebenza.

Lithintwa ngalolu daba ikhansela lakwa wadi 20 uMnu Thulani ‘Two Ways’ Xulu uthe ukuba khona kwaleli hholo elisezingeni eliphezulu kulindeleke ukuba kulethe intuthuko kule wadi, njengoba kuzovuleka namathuba emisebenzi uma kunemicimbi emikhulu eyenzelwa khona.

Uthe: “Emva kwezihibe ezike zaba khona esingeke sisagxila kuzona, ngiyajabula ukuthi umsebenzi ugcine uphothuliwe njengoba kudingeke ukuba umasipala uqoke enye inkontilaki yokwakha ukuqhubeka nomsebenzi.

“Ngingasho nje ukuthi leli ihholo lokuqala kulesifunda ukuba sezingeni eliphezulu njengaleli. Siyathemba lizosilekelela ekulweni nobubha kule ndawo njengoba kulindelwe ukuba lidale amathuba omsebenzi ngemicimbi ezoba khona”.

Phezu kwalokho linendawo yokudlala ibasketball, i-indoor soccer, ibhola lomnqakiswano nezindawo zokugezela nokushintsha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.