‘Uklinye isoka lakhe lafa’

2016-01-14 06:00

KUCISHE kwaphazamiseka inkonzo yomngcwabo endaweni yaKwaPata, umphakathi obuwotha ubomvu unikelela emaphoyiseni ngowesifazane osolwa ngokubulala isoka lakhe ngempelasonto esiphuma kuyona.

UMnu Siyabonga ‘Mbobo’ Xulu obesehlale iminyaka engaphezu kwemihlanu nalo wesifazane , kuthiwa ubulawe ngokuklinywa emzini wabo oseSiginsini ngesonto eledlule. Amalunga omphakathi akhulume ne-Echo athe isimo sibe sibi kakhulu lapho sekufanele kukhishwe isidumbu njengoba umphakathi ubuhhahhameza lona wesifazane, kwagcina kuthathwe isisombululo sokuthi aqhutshwe ayiswe esiteshini samaphoyisa iPlessislaer.

Omunye womakhelwane uthe: “Indaba iqale ngoMgqibelo emva kokuba umsolwa ebize umufi obezihlalele nabangani bakhe. Emva kwesikhashana kube sekuzwakala umsakazo ukhalela phezulu, kodwa yize ubukhalela phezulu bekuzwakala amazwi abo behilizisana.

“Kube sekuzwakala umsindo ongaqondakali, emva kwesikhashana lona wesifazane waphuma emnyango esehayiza, okuthe uma kuyobhekwa kwatholakala umufi esedindilize embhedeni esethule .”

Uqhube ngokuthi ngaphambi kokuba umsolwa anikelelwe emaphoyiseni uzivumele yena kumalunga omphakathi ukuthi uye wamklinga. Umphakathi uthi usashaqekile kakhulu ngalesi senzo , ikakhulukazi njengoba ungakaze ucabange ukuthi umuntu wesifazane angaba nesibindi sokwenza lokhu eyedwa, aze amlalise embhedeni. Bathe isimo siye ngokuba sibi ngomlindelo emva kokuba lo wesifazane ebelokhu ephansi phezulu ephendula ucingo, okuthe ngeSonto uma sekufanele kuphume isidumbu umphakathi walwa naye. Yize okhulumela ePlessislaer uNksz Thokozani Moleko ekuphika ukuthi kukhona owesifazane oboshiwe ngaleli cala, amalunga omphakathi asathi unikelwe emaphoyiseni.

“Okwamanje alikho icala lokubulala elivuliwe, kodwa kuvulwe icala lokufa ngendlela engaqondakali. Uphenyo luyaqhubeka,” kuphetha uMoleko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.