Ushe wangqongqa umuzi Esigodini

2015-11-12 06:00
ISITHOMBE:nompendulo ngubane Umndeni wakwaDlamini Esigodini oshelwe umuzi ngeSonto izintathakusa. Lo mndeni ucela usizo njengoba kumanje ungenakhaya, izimpahla noma ukudla.

ISITHOMBE:nompendulo ngubane Umndeni wakwaDlamini Esigodini oshelwe umuzi ngeSonto izintathakusa. Lo mndeni ucela usizo njengoba kumanje ungenakhaya, izimpahla noma ukudla.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ASALE nejoyini yesonto kuphela abeyigqokile amalungu omndeni wakwaDlamini Esigodini ashelwe umuzi wangqongqa ngeSonto ezintathakusa.

La malungu omndeni ayisikhombisa okubalwa nabantwana abancane kuyimanje acela indawo yokulala komakhelwane njengoba indlu nempahla yonke ebisendlini ishe yangqongqa ngesikhathi amanye amalungu engekho eyokhonza njengoba bekuyiSonto.

Ilungu lomndeni elikhulume nephephandaba i-Echo mayelana nalesi sihlakalo, uNksz Thabisile Dlamini, uthe kumanje abazi ukuthi bazothatha ini bayihlanganise nani njengoba kushe yonke into okubalwa nomazisi namakhadi okuholela abantwana nokuyiyona mali abaziphilisa ngayo njengomndeni ngoba akekho osebenzayo kubona. Uqhube wathi kumanje basadidekile ukuthi lo mlilo udalwe yini ngoba isitofu sasekhishini kanye nesigubhu sikagesi asikhombisi ukuthi umlilo uqale khona. Obesele ekhaya nguye uDlamini kanye nabantwana nabo abebengayanga esontweni kodwa abangazange balale endlini eshile.

“Ngiphaphanyiswe omunye womakhelwane ongivuse ekuseni ngezikhathi zehora lesihlanu engitshela ukuthi indlu iyasha. Nangempela ngivukile yize kodwa bengingakholwa bengizitshela ukuthi uyangikhohlisa. Ngenhlanhla bengilele kwenye indlu eseceleni, hhayi lena okuyiyona eshile. Kunezindlu ezingamagumbi amabili eziseceleni nokulapho bengilele khona mina. Omunye wabantwana yena ubelele komakhelwane. Naye usinde ngokulambisa ngoba ubekhala ethi ufuna ukuyolala endlini le eshile.

“Okube enye inhlanhla ukuthi lokhu kwenzeke amanye amalungu omndeni esehambile aya enkonzweni, nawo abekade elele kuyo le ndlu kodwa avuka ahamba. Ngithe ngiqhamuka ngakhangwa yintuthu nokuthe ngokubona sazama nomakhelwane ukuvula isicabha lokho okuvele kwadala ukuthi umlilo uvuthe kakhulu. Sihlulekile ukucisha ngoba vele ilangabi bese lilikhulu,” kusho uDlamini.

Lo mndeni ushelwe yiyo yonke impahla ebisendlini okubalwa ngisho nomfaniswano wabantwana wesikole. Impahla yasendlini yonke ebiphakathi ishile.

“Sisele asina mbhede, kushe kwaze kwasha nefriji. Okubuhlungu nje ukushelwa izincwadi ezibalulekile esizisebenzisa uma siyohola. Asazi sizokwenzenjani ngoba ngisho ukudla kushe konke. Siyacela ukuthola ikakhulukazi usizo lwendlu. Asinandawo yokulala noma yokuhlala kumanje sicela ukulala komakhelwane kanti lokho ngeke kuze uqhubeke isikhathi eside”.

Ikhansela lakwaward 12 uSboniso Majola uthe wezwa ngesehlakalo wabe esethumela amalungu entsha (Youth League) ukuyobheka isimo.

“Noma bengingakaze ngiye mina mathupha ukuyobheka kodwa isimo ngiyazi ngaso. Kumanje sisanxenxa nabemboni yamatekisi ngakhona lapha endaweni ukuthi nabo balule isandla ekusizeni umndeni uma bengakwazi ukwenzanjalo,” kusho uMajola. Noma ubani ongaba nosizo siyacela ukuthi alule isandla ukuze sisizakale,” kusho uDlamini otholakala ku-060 679 2098 ngosizo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.