Usola ubugebengu bakwaVDA olinde umuzi

2015-11-12 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese UMn Jabulani Mthalane ekhomba isikhonkwana  esesize saziphumela emva kokulinda iminyaka emithathu ukuba kuphasiswe isicelo sakhe       sokwakhelwa umuzi wo mxhaso.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese UMn Jabulani Mthalane ekhomba isikhonkwana esesize saziphumela emva kokulinda iminyaka emithathu ukuba kuphasiswe isicelo sakhe sokwakhelwa umuzi wo mxhaso.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UFUNA izimpendulo kwabakwaVulindlela Development Association (VDA) owesilisa wakwaMpumuza owagcina ngokufakelwa isikhonkwana sokwakhelwa umuzi ekubeni umuzi wakhe wakhelwa omunye umuntu kwenye indawo.

UMnu Jabulani Mthalane (38) utshele iphephandaba i-Echo ukuthi kuthathe iminyaka emithathu ukuze azi ukuthi kuqhubekalani mayelana nesicelo sakhe sokwakhelwa umuzi womxhaso, njengoba ebesahlalele ethembeni. Uthi uthuke kwaphela nasozwaneni ngeledlule emva kokuba ecele abakaVDA ukuba bambhekele kukhompuyutha ukuthi isicelo sakhe sikusiphi isigaba, kulandela ukufika kwabo endaweni.

Uthe: “Emva kokuba ngibanike imininingwane yami kuvele ukuthi umuzi kumanje uyakhiwa, kodwa okumangazayo umuntu owakhelwa wona wakhelwa ngaphansi kwegama lami, njengoba kuvela yonke nemininingwane yami.

“Okubuhlungu bengizohlala ngilokhu ngithi ngilindile, kanti ngilinde into engekho.”

UMthalane uthi ungomunye wabokuqala abafaka izicelo zokwakhelwa izindlu zo mxhaso ngenkathi le project ithulwa kule ndawo ngo-2012. Uthi kusukela lapho, kwakubukeka sengathi uhlelo olusheshayo, njengoba ngawo lowo nyaka wafakelwa isikhonkwana esikhombisa ukuthi kuzokwakhiwa.

Uthi kusukela ngo-2012 ubelokhu eya emahhovisi asendaweni ukuyobheka ukuthi isicelo sakhe sesikuphi, nalapho abefike anikwe ithemba kuthiwe akalinde bayeza. Uqhube ngokuthi emva kokuba ebuze ukuthi enzenjani njengoba umuzi wakhe usuwakhelwe omunye umuntu, utshelwe ukuthi akalinde uzophinde akhelwe omunye umuzi. Uthe umanje uhlela ukuyovula icala emaphoyiseni, njengoba lo muntu okungashiwongo ukuthi wakhelwaphi, akhelwe umuzi kusetshenziswa imininingwane yakhe.

“Lokhu kwakhiwa kwezindlu kunobugebengu obuningi, futhi ukube angizange ngibheke manje bengiyothola iproject isiyophela,njengoba kuthiwa iyagcina ngonyaka ozayo. Buningi ubugebengu obungaqondakali obukhona ekwakhiweni kwalezindlu endaweni yethu, njengoba bebaningi abantu abasalindile ekubeni kade bafaka izicelo. Siyafisa kuphenywe kabanzi ngalolu hlelo njengoba kungemina ngedwa othintekile, kodwa bebaningi nabanye.”

Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kulesifundazwe uMnu Mbulelo Baloyi uthe: “Kube nokuphambana kwezinamba okube khona, hhayi ngoba umuzi okufanele wakhelwe yena, wakhelwe omunye umuntu.”

Njengoba le project yenzeka emawadini ayisishiyagalolunye, kuyenzeka kube nezinombolo ezifanayo. Lo muzi awushoyo wakhiwe kwenye iward, eyakhe imininingwane izoqhamuka ngaphansi kwe ward aqhamuka ngaphansi kwayo. Akabekezele , siyakuqinisekisa ukuthi umuzi wakhe uzokwakhiwa.”

Imenenja yeDezzo Holdings okuyinkampani eyakha le mizi UNksz Thabile Zimu uthe akwenzeki ukuthi umuzi waloyo osuke efake isicelo wakhiwe kwenye indawo, njengoba usuke uzokwakhiwa khona egcekeni lakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.