VIKELA UKUBHEBHETHEKA KWE TB, UMARCH INYANGA YOKUQWASHISANA NGE TB

2017-03-15 06:03

I-TB iyisifo esibangelwa igciwane elinukubeza amaphaphu elibizwa ngokuthi iMycobacterium Tuberculosis. Leli gciwane lisatshalaliswa umoya uma umuntu osenalo emaphashini ake ekhwehlela engawuvali umlomo noma ethimula engawuvali umlomo namakhala.leligciwane liyatholakala nokwezinye izindawo emzimbeni njengasesiswini nasemgogodleni njalonjalo kodwa- ke lijwayeleke kakhulu emaphashini.

Uma usulihogelile leligciwane emoyeni ngesikhathi uphefumula ungangabanakho ukugula uthole ukuthi linqobekile ngenxa yamasosha omzimba esasimweni esiphile kahle. Uma usihogela kanti amasosha omzimba athanda ukuntegantenga lizobe selikugulisa leligciwane usuba neTuberculosis. Izimpawu esibonakala ngaso isifo lesi ukukhwehlela isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili noma ukukhwehlela igazi, izinhlungu esifubeni, ungalambi, ukukhathala, ukujuluka ebusuku noma imfiva, ukuncipha okungahlelelwe.

Hamba uyohlola mahhala emtholampilo oseduza nawe uma kukhona okuzwayo emzimbeni wakho kulokhu osekubaliwe.kubaluleke kakhulu ukuba uyohlola ngoba uma ungenzi njalo uyosabalalisa igciwane kwabanye abantu bese beba baningi abantu abahaqwa yilesifo futhi uma ingalashwa i-TB iholela ekufeni. Kubalulekile ukuthi uma usuhlolile ulandelele imiphumela khona uzobe usuqala ukudla amaphilisi uma utholakale une TB.

Thatha imithi yakho ngendlela oyiyalelwe umsebenzi wezempilo. Uma unamaphilisi amaningi, wathathe ngesikhathi esisodwa. Qikelela ukuthi ubuyela emtholampilo ngelanga eyalwe ukuthi ubuyela ngalo umsebenzi wezempilo ukuze amaphilisi akho engezokuphelela. Kubalulekile ukuthatha amaphilisi akho noma usuzizwa uphilile kuze kuphele isikhathi osibekelwe emtholampilo. Isibalo samaphilisi sihambelana nesisindo somzimba wakho futhi ubude besikhathi sokuwadla kuya nokuthi iyiphi inhlobo yeTB etholakale kuwe ngakho ungazifanisi nabanye.

Uma uyeka ukudla imithi ungakayalelwa umsebenzi wezempilo ungabuye uthole i-TB futhi. Kungenzeka ibuye isinamaphilisi engasazweli kuwo phecelezi Multi Drug Resistant TB (MDR). Lenhlobo futhi ungayithola uqala nje ukuba neTB uma uthelelwe umuntu osenayo vele ngakho kubalulekile ukuzivikela.

Kubalulekile ukuhlolelela IHIV uma ungazazi ukuthi unjani ngoba i-TB iwusomathuba khona uzothola ukwelashwa ngendlela ekulungele. Kuyenzeka zihambisane lezizifo futhi kuyenzeka kuhambe ngakodwa. Uma kuhamba kokubili uzobe usuqala udla amaphilisi eTB amasonto amabili kubonakale ebese uqala nawe HIV ngokohlelo lakhona. Uma ususemtholampilo kubalulekile futhi ukuhlolela nezinye izifo ezingamahlala-khona ezihlolwa mahhala.

Iyavikeleka i-TB ngokuthi abantu asebetholakale benayo bawadle bawaqede amaphilisi abo, ukuvala umlomo namakhala nge tissue paper uma ukhwehlela noma uthimula, ukugeza izandla ngamanzi anensipho, ukugoma abantwana abazelwe, ukudla ukudla okunempilo, ukungabhemi ugwayi nokungaphuzi utshwala, ukuzivocavoca nokuvula amafasitela endlini njalo ekuseni.

Sifisa ukwazisa umphakathi ukuthi ngomhlaka 21 March 2017 endaweni yaseMjintini kuzobe kubungazwa ukusuku lweTB njengoba inyanga kaMarch 2017 yaziwa njengenyanga yeTB. Lapho umphakathi uzobe uqwashiswa kabanzi ngesifo seTB. Umphakathi uyamenywa ukuba uphume ngobuningi bawo beze e Hholo lomphakathi eMjintini ngo 09H00 ekuseni.

Ulwazi olwengeziwe xhumana no Sr. N Ntuli on 033 413 9400 / 082 856 0028 okanye uxhumane no Mbali Ntshingila umxhumanisi wesibhedlela i-Greytown kanye nomphakathi (Public Relations Officer) ku-033 413 9400 / 071 055 2820 email: sethabile.ntshingila@kznhealth.gov.za - Greytown Hospital management.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/World
 

Fascinating facts about dogs

Think you know a lot about dogs? How many of these facts do you know?

 
 

Paws

Perfectly captured cat snapchats!
Fascinating facts about dogs
Out with the old dog, in with the new
Play with your pet when you're not at home
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.