AbeNhlanhleni bacela uxhaso

2015-10-13 06:00
IZITHOMBE: NOSipho mkhize

Amanye amalungu enhlangano uMnuz Elliot Ntshangase, uNkk Samukelisiwe Mashaba, uNks Zanele Chonco noMfu Alfred Ntshangase.

IZITHOMBE: NOSipho mkhize Amanye amalungu enhlangano uMnuz Elliot Ntshangase, uNkk Samukelisiwe Mashaba, uNks Zanele Chonco noMfu Alfred Ntshangase.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABE-nhlangano ebizwa ngokuthi yi-eNhlanhleni iSibani Sezwe okuyi nhlangano enakekela imindeni entulayo nezintandane eholwa nguMfu Alfred Ntshangase KwaDabeka inxusa amalungu omphakathi osomabhizini nezinhlangano eza hlukahlukene ukuba bayilekelele ngezidingo zayo ikakhulukazi ngamaphasela okudla.

UMfu Ntshangase uthe njengoba le nhlangano iphekela abantwana ababhalise ngaphansi kwayo nabantwana bomphakathi, kubuye kube nzima ngezinye izinsuku njengoba bebuye bephelelwe ukudla.

Uthe: “Le nhlangano iphekela izingane ezingama-126. Njalo mezibuya esikoleni kumele zifike emahhovisini ethu ukuze zithole okuya ngasethunjini ngaphambi kokuba sizi lekelele ngomsebenzi wesikole. Kuba nzima kakhulu kwenziye izinsuku ngoba siphelelwa ukudla esikuphekela izingane bese zihlale zilambile kwazise nasemakhaya ezisuka kuwona kuphilwa kanzima,” kusho yena.

Uqhube wathi njengoba engumfundisi webandla lase-zion elibizwa ngokuthi yi-Enhlanhleni Phillipian Church, ukholelwa ukusizeni abantu, ngakho kwabonakala kukuhle ukuthi ibandla liqale le nhlangano emva kokuba kutholwe ukuthi izingane ezikusonto skole ziqhamuka emakhaya ampofu. “Le nhlangano iqale ngo-2002 emva kokuba sibone izingane zika sonto skole ziphuma emakhaya antulayo. Iningi lalezi zingane zihlukumezekile ngenzindlela ezahlukahlukene, ezinye ziyizi ntanda kuthi ezinye zinesifo zesandulela ngculazi.”

“Le nhlangano ayigcini nje ngokusiza izingane ezibhalise ngaphansi kwayo kodwa nomphakathi uyafika nezinkinga futhi siyabalekelela ngoba asikholelwa ekutheni sixoshe umuntu odinga usizo. Yize siphakela izingane eziyi-126 kodwa sigcina sesisiza abantu abafikile ku-1000.”

Uthe kuningi okunye le nhlangano ezibandakanye kukhona.

Uthe: “Ngaphandle kokuphekela lezingane silekelela lezo ezidla imishwanguzo, sizifundisa ngokuthi kungani zidla imishwanguzo nokuthi isiza kuphi ngoba iningi lezingane ziyafihlelwa emakhaya ukuthi zinesifo sesandulela ngculazi.

Sike sicele amalungu omphakathi anezingubo angazisebenzisi ukuthi banikele ngazo ukuze sinike labantwana. “Kwesinye isikhathi uthola ukuthi abazali bala bantwana bayagula iningi labo alisakwazi nokuzenzela lutho ngakho siyababheka emakhaya lokhu okwaziwa ngokuthi ama-home visits sifike sibageze sibaphe amaphilisi bese sibapha ukudla. Uma bengasitholi isibonelelo sika hulumeni siphinde siba size njengoba sisebenzisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.”

Uqhube wathi isifiso sakhe wukuthi bekwazi ukuphekela abantwana nomphakathi zinsuku zonke kodwa lokhu kungenzeka uma nje kungase kube khona umSamariya olungileyo onganikela ngamaphasela okudla.

“Into ebaluleke kakhulu kule nhlangano ukuphekela abantu yingakho sidinga abantu abangasinikelela ngaphasela okudla ukuze sikwazi ukupheka zinsuku zonke. Ngoba kuba buhlungu kwezinye izinsuku mese sibuka izingane zilambile.”

Uthe le nhlangano ilekelela nabantu abadala abaphila nesifo sesandulela ngculazi. Bayabalekelela ngokuthola imishwaguzo bese bebaluleka ngaso lesi sifo.

“Emva kokuba sibone ukuthi sebeluleme sibafundisa ukutshala engadini nokwenza ubuhlalu ukuze bedayisele umphakathi bethole imali yokuziphilisa bona nemindeni yabo. Okunye esikuhlelayo wukuthi sibafundise ukuthunga, kodwa asinayo imishini yokuthunga ukuze siqale ama klasi. Siphinde sibe nama volontiya aluleka abesifazane abadlwenguliwe, njengoba kukhona nogogo abahlala nabazukulu abadla izidakamizwa ezingekho emthethweni bagcina sebedlwengule ogogo emakhaya, labo gogo siyabasiza kule nhlangano sibaluleke bese kulabo abadinga umatikuletsheni siyabasiza njegoba sinamaklasi angena ebusuku”

“Nginxuse umphakathi, osomabhizinisi nabanye, ukuthi basixhase ngezitsha nezipuni zokudla, imifaniswano nezicathulo zesikole, izingubo zokugqoka, amaphasela okudla nanoma yini umuntu afisa ukusixhasa ngayo sizokwamukela ngezandla ezimhlophe.” Uma kukhona othanda ukuxhasa le nhlangano angashayela uMfu Ntshangase enombolweni ethi: 082 666 0876 noma kwi kheli le email elithi: enhlanhleni@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.