‘Ngizibona ngidlalela iBanyana Banyana’

2015-06-30 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

USnenhlanhla Shozi (kwesokudla) edlalela iqembu lebhola i-Shooting Stars

ISITHOMBE: SITHUNYELWE USnenhlanhla Shozi (kwesokudla) edlalela iqembu lebhola i-Shooting Stars

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTOMBAZANE enethalente lokudlala ibhola lezi nyawo, uSnenhlanhla “Sne” Shozi (18) waKwaNyuswa, ofunda eKloof High, uthe uthando lwakhe lokudlala ibhola lwaqala esemncane efundiswa abafowabo.

USnenhlanhla uthe: “Ngikhule ngilidlala ibhola nabafowethu, futhi ngangithanda ukuhamba nabo uma beyo qeqeshelwa lona,” kusho yena.

Kuningi akuzuzile ngokudlala ibhola kubalwa ukudlalela iqembu laseNingizimu Afrika ngaphansi kwesigaba saba neminyaka eyi-20.

Uthe: “Ngesikhathi ngifunda amabanga aphansi ngabalwa njengomdlali okora ama-goal amaningi, ngaba umdlali wonyaka eqenjini lase-Kloof High School. Ngakhethwa eqenjini lama ntombazane adlala ibhola lezi nyawo laKwaZulu-Natal ngaphansi kwesigaba saba neminyaka eyi-19 ngo-2013 no-2014. Ngathola umfundaze eKloof High School ngokudlalela i-Barcelona. Ngaqokelwa ukudlalela iqembu laseNingizimu Afrika ngaphansi kwesigaba saba neminyaka eyi-17 ngo-2013, eyi-19 ngo-2014, neyi-20 ngo-2015,” kusho yena.

Uqhube wathi ngaphandle kokudlala ibhola lezi nyawo uthanda ukudlala ibhola lombhoxo.

Uthe:“Ngithanda ukudlala ibhola lombhoxo, ukungenela imijaho, umdlalo owaziwa ngokuthi yi-Volleyball nokulalela umculo,” kusho yena.

Uthe eminyakeni emihlanu ezayo uzibona edlalela iqembu elikhulu le bhola elaziwa ngokuthi yiBanyana Banyana.

“Ibhola lezi nyawo ngilithanda ngendlela emangalisayo, yingakho ngizibona ngidlalela iBanyana Banyana. Uma sengiqedile umatikuletsheni, ngithanda ukwenza izifundo ze-Soccer Administration,”kusho yena.

Uthe njengoba kuqale ama holide ezikole kuningi okuse zinhlelweni zakhe.

Uthe: “Kulama holide ngizobe ngiye kwi-camp yeqembu le bhola lombhoxo laKwaZulu-Natal, bese ngilekelele iKloof Senior Primary ekuqeqesheni abafundi kwibhola lombhoxo abaneminyaka eyi-13 izinsuku ezintathu. Ngizoba yingxenye yemidlalo ezothatha izinsuku ezimbili exhaswe yiqembu lebhola i-Kaizer Chiefs kuzobe kukhona umdlali walo uSiboniso Gaxa,” kusho uSnenhlanhla.

Ugqugquzele amantombazane anothando lokudlala ibhola wathi: “Ibhola lezi nyawo umdlalo olula futhi omnandi, ugcina umzimba unempilo futhi uhlale unomdlandla, kodwa kumele uzimisele uma ufuna ukuba umdlali ohamba phambili, kubalulekile ukuthi ulalele umqeqeshi wakho ngaso sonke isikhathi. Kumele usebenze kanzima uma ufuna ukuphumelela empilweni futhi uma ufuna ukudlalela amaqembu aphambili. Kumele uqikelele ekuqeqeshweni kanzima, uhloniphe bese uzimisele,” kusho uSnenhlanhla.

UMnuz Lewis Donnelly wase-eKhaya Academy, ongumqeqeshi kaSnenhlanhla uthe: “USnenhlanhla ungumdlali osakhula futhi onethalente elimangalisayo, leli thalente liyisiphiwo sakhe futhi ulisebenzisa ngendlela eyiyo. USne wamukela amathuba awatholayo empilweni, yize eqhamuka endaweni yasemakhaya, kodwa engikuthandayo wukuthi ukwazile ukuba ngumfundi ohamba phambili esikoleni sase-Kloof,”

“Ithalente lika Sne ngilibona likhula ngamandla futhi ungumfundi onenhlonipho ophuma ekhaya elifundisekile, ngibona enekusasa eliqhakazile. USne uyazimisela kukona konke akwenzayo siyamulekelela ekutheni akwazi ukumelana nezifundo zakhe nebhola lezi nyawo.”

Uqhube wathi kuningi asekuzuzile uSne kuwo umdlalo webhola lezi nyawo okusho khona ukuthi yisiphiwo sakhe lesi. “Sizo qhubeka nokumlekelela ukuze afinyelele ekufezeni amaphupho akhe okudlalela iqembu elikhulu.

Mina njengo mqeqeshi wakhe ngiyakuthokozela ukuqeqesha umdlali onjengo Sne, ngoba ungumdlali ophambili kubadlali baKwaZulu-Natal kulabo abaneminyaka engange yakhe. USne uyisibusiso esikoleni iKloof High,” kusho uMnuz Donnelly

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.