Nithini ngomfundisi wezinyoka?

2015-07-21 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Umfundisi othi unamandla okujika izinyoka zinambitheke njengo swidi edlisa ilungu lebandla inyoka ephilayo.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Umfundisi othi unamandla okujika izinyoka zinambitheke njengo swidi edlisa ilungu lebandla inyoka ephilayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGIYANIBINGELELA bafundi beFEVER, side lesi sikhathi sagcina ukushicilela ingosi, ngiyethemba ukuthi nisaphila ngithembe nokuthi abafundi bavule kahle ezikoleni emva kwamaholide kaNtulikazi (July). Ngithi angithathe leli thuba loku loba ngodaba olungi phazamise umoya kule mpelasonto.

Bafundi, iyethusa indlela izinto ezenzeka ngayo kulesi sikhathi esiphila kuso, okumangazayo ukuthi iBhayibheli liyasho ukuthi kuzofika isikhathi lapho umhlaba ozobhubha khona, kuyoba nezifo ezingalapheki amabandla ehlukahlukene nabefundisi mbhumbhulu, nokunye okuningi.

Kuyethusa futhi kuhlasimulisa umzimba izinto ezenzeka kwamanye amabandla

Kuqale kwavumbuka umfundisi thizeni owashumayeza ibandla ngokuthi uNkulunkulu uthi abadle utshani ukuze bephile nangempela ibandla lakwenza lokho.

Kuthe kusenjanlo sibhabhaza isimanga sabantu abadla utshani njenge zinkomo, lwaphuma esinye ‘isipholofetho’ abathi savela kuNkulunkulu sokuthi ibandla aliphuze uphethiloli, nangempela ibandla lenza okushiwo umholi walo.

Ngesonto eledlule amaphephandaba ashicilela udaba ngoMfundisi uMnguni wase-End Times Disciples Ministries, othe ibandla lakhe alidle izinyoka ziphila, wathi amandla uNkulunkulu amunike wona akwazi ukushintsha izinyoka zinambitheke njengo swidi lobizwa ngo-chocolate.

Bafundi kanti kwenzakalani ezweni esiphila kulo? ngabe sesifikile isikhathi sokubhubha komhlaba? Kwenziwa yini ukuthi lo mfundisi adlise abantu izinyoka? angikhumbuli uJesu edlisa abantu izilwane eziphilayo, angisho ukuthi iBhayibheli ngilazi ekuqaleni kuze kuye ekugcineni kwalo, kodwa ngikhumbula ukuthi uJesu wayepha abantu isinkwa newayini.

Angikhumbuli ebadlisa utshani abaphuzise uphethiloli.

Ngibuze amalungu omphakathi ngale senzo, ukuzwe ngithole uvo lwawo.

UNkk Nonkululeko Mdletshe waKwaNyuswa uthe: “Cha nje mina ngithi lo mfundi uyasangana, uzodlala ngabantu beNkosi ngokuthi yena ukwazi ukushintsha izinyoka zinambitheke njengo swidi. Uzolutha abantu ngomoya omubi.”

UNks Mbali Dludla wase-Pinetown uthe: “Lo mfundisi usebenzela uSathane uqobo lwakhe ayikho lento ayenzayo uzofaka abantu imimoya emimbi nje qha. Kuphi ukuphiliswa la? uma kudliwa izinyoka?”

UMnuz Nhlanhla Ndlovu waseMbo uthe: “Umsangano ke nje lowo! mina ngeke nje ngavuma umfundisi angidlise inyoka hawu! yena uzithathaphi lezinyoka zokudlisa abantu, shuthi khona ahlangene nabo. Uyahlanya lo mfundisi.”

UNkk Agnes Dlamini waKwaNyuswa uthe: “Lento eyenziwa yilo mfundisi yimisebenzi kaSathane , uzolutha abantu ngalento ayenzayo futhi ababoni ukuthi lo mfundisi usebenzela ubumnyama.”

Bafundi beFever nithini ngalolu daba lomfundisi wezinyoka, thumela isms enombolweni ethi: 073 154 4117 noma kwikheli le-email elithi: nosipho.mkhize@media24.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.