OkaMaskandi ucela uxhaso emphakathini

2015-06-16 06:01
UMnuz Musa Mkhize ‘Shoba Elimdaka’ onethalente lomculo kaMaskandi nowezokholo.ISITHOMBE: NOSIPHO MKHIZE

UMnuz Musa Mkhize ‘Shoba Elimdaka’ onethalente lomculo kaMaskandi nowezokholo.ISITHOMBE: NOSIPHO MKHIZE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INSIZWA yaseMbo, uMnuz Musa Mkhize (26) odume ngelika ‘Shoba eLimdaka,’ okuyigama abizwa ngalo uma eshaya ingoma, uthe umculo kaMaskandi wawuthanda esemncane, njengoba ubaba wakhe wayedlala isiginci esine nkosi phakathi.

Uthe: “Umculo kaMaskandi ngawuthanda kakhulu ngisemncane ngesikhathi ngilalela ubaba edlala isiginci, wayengumuntu owuthandayo umculo kaMaskandi, futhi wafunda ukushaya isiginci kudala esalusa ehlala eMbumbulu,” kusho uMnuz Mkhize. Uthe udabuka KwaZulu, eMpangeni kwesaKwaMthethwa kodwa ngenxa yezimo ezithile empilweni usezinze eMbo. “Ngisuke eMpangeni ngeza lapha eThekwini ngenhloso yokuthola amatoho ngo-2009 kuya ku-2011. Ngasebenza eLillies Quarter, ngikilina ama hhovisi, kodwa ngebhandi kwabakhona izinkinga ngaphelelwa umsebenzi. Ngo-2011 ngasebenza kwikontilaki yokwakha izindlu nakhona ngiyabamba ngiyayeka,” “Umculo uyikho konke kimi, njengo ngaqala ukugxila kakhulu kwezomculo ngo-2008, ngifundiswa ubaba. Ngebhadi ubaba wasishiya nomfowethu ngo-2011, kodwa angizange ngiphele amandla, ngagqugquzeleka ukuthi ngiqhubeke nomculo ngoba nginothando lwawo futhi ubaba uzojabula lapho ekhona,”kusho yena.

Uqhube wathi okwamanje yena neqembu lakhe elaziwa ngokuthi ‘eZikaShoba Elimdaka,’ bane-demo, enezingoma eziyi-10 abayenza ngo-2010.

Uthe:“Kuleli qembu lika Shoba Elimdaka, siwu-15, akukho esingakwenzi kubalwa ukusina, ukucula nokunandisa. Siyayishaya ingoma asidlali,futhi sengivele ngadedela igazi ngoba ngiyabona ukuthi sine thalente elihle futhi elimangalisayo. Ngizinikelile kulo msebenzi ngoba ngiyawuthanda futhi ngifisa ukuthi uNkulunkulu angiphe amandla ngingadikibali,” kusho yena.

UMnuz Mkhize akagcini ngokuba neqembu lika Maskandi nje kuphela, kodwa uphinde abe neqembu lomculo wezokholo elaziwa ngokuthi yi-The Gods Followers.

Uthe: “Kuleli qembu ngishaya izinsimbi phecelezi i-keyboard, womabili lama qembu ayaqashwa emcimbini eyehlukahlukene,” kusho yena.

Uthe uphuma emndenini owukhonzile umculo njengoba nomfowabo ecula kwelinye iqembu. “Ngingasho ukuthi leli thalente silithole kubaba uMkhize, ngoba nomfowethu engihlala naye uyacula kodwa ukwelinye iqembu,”kusho uMnuz Mkhize.

Uthe yize bezishaya isifuba ngomculo wabo, ziningi izingqinamba ababhekene nazo njengo kungabi nawo umfaniswano weqembu.

Uthe: “Kuningi esikudingayo kuwo womabili amaqembu njengo mfaniswano (uniform), izinsimbi , ngoba sihlale siziboleka kwabanye. Siyafisa ukuthi nathi sibe nezethu izinsimbi. Imali esikholelwa yona emcimbini siyayibeka ukuze sizokwazi ukuthenga izinto esizidingayo, kodwa kunzima ngoba imali esiyitholayo ayenele ukufeza zonke izidingo ze qembu,” kusho yena.

Uthe iqembu lakhe liyaludinga uxhaso ngayo yonke indlela, ikakhulukazi uxhaso lomfaniswano (uniforms), izinsimbi, naba qophi bomculo abangalekelela ekuqopheni ucwecwe (CD) lwabo.

Uthe: “Sifisa ngisho umuntu ongasixhumanisa nomsakazo woKhozi ukuze izingoma zethu zizwakale umhlaba wonke. Ingoma engiyithanda kakhulu kwi-demo ithi: Ngicela ungixolele wembulali, eyagqugquzelwa indlela izinto ezenzeka ngayo ezweni,” kusho uMnuz Mkhize

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.