Thokozela umculo we-Jazz

2015-05-19 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Abanye babaculi abadumile abadlala kule ndawo

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Abanye babaculi abadumile abadlala kule ndawo

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAPHATHI be-The Rainbow bachaza le ndawo njengenye yezindawo ezidumile lapho kubuthana khona abaculi bohlobo lomculo we-Jazz bakuleli.

Le ndawo yobumnandi iqoqa bonke abaculi, ukuthi bathokozise abathandi be-Jazz kubalwa uBusi Mhlongo noElias S’dumo Ngidi abaziwa kakhulu ngohlobo lomculo owaziwa ngokhuthi yi-Afro Jazz.

I-Rainbow Restaurant yasungulwa nguMnuz Ben Pretorius noMnuz Billy Mthembu,ngo-1981 kuZibandlela (December) ngezikhathi ezanzima kakhulu eNingizimu Afrika, kusanobandlululo olwalubhekiswe esizweni esimnyama.

Ngokusho kuka Nkk Nicole Comfort, ongomunye wabaphathi bale ndawo, uthe le ndawo kwaba ngeyokuqala KwaZulu-Natal ukuthola igunya lokudayisa ukudla notshwala kubantu abamnyama.

Uqhube wathi umlando waku lendawo ujule kakhulu njengoba kwakuba yindawo yemihlangano yamaqabane ayelwa nobandlululo.

Ngo-1983 le ndawo yaba ne khonsathi yayo yokuqala lapho kwakudlala abaculi uPhilip Thabane noMalombo.

Baningi abaculi abakuleli ebanandisa kule ndawo, futhi abanye babo bakhulise amathalente abo kuyo.

Ekuhambeni kwesikhathi, le ndawo yathandwa ngabezinye izizwe, ngenxa yomculo nabaculi abanandisa kule ndawo.

Ngo-1987 i-Rainbow Restaurant yaba nomcimbi wokuzalwa kwaloyo owayenguMengameli uDkt Nelson Mandela, ngesikhathi egubha iminyaka engama-70.

UNkk Comfort uqhube wathi ngesikhathi iNingizimu Afrika ithola inkululeko ngo-1994, uBilly Mthembu wadlulisela izintambo kuMnuz Ben Pretorius, owalibhekisa emazweni ase-Afrika nomkakhe, wabuya emva konyaka, wasungula ama-project amabili aziwa ngokuthi yi-The Rainbat project ne-BAT Centre.

Ngo-1995 uMnuz Neil Comfort waba yingxenye ye-The Rainbow Restaurant , kwathi ngo-2001 kwenziwa indumezulu yomcimbi wokugubha iminyaka engama-50 kaMnuz Pistoruius.

UMnuz Comfort uthe: “Baningi abaculi abadumile asebeke babayingxenye yaku lendawo, okumnandi wukuthi abathandi bomculo we-Jazz bahlezi bethokozela umculo esiwudlala kule ndawo, ngakho simema bonke abathandi bomculo we-Jazz ukuthi basivakashele ukuze bezwe umculo omnandi,” kusho yena.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngemicimbi elandelayo eThe Rainbow shayela inombolo ethi: 031 702 9161

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.