ULungile Nhlanhla ugila izimanga ekhishini

2015-08-18 06:00
Izithombe: zithunyelwe
ULungile Nhlanhla onothando lokupheka olwamenza wagcina esevule ibhizinisi.

Izithombe: zithunyelwe ULungile Nhlanhla onothando lokupheka olwamenza wagcina esevule ibhizinisi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTOKAZI yase-Hillcrest enothando lokupheka uNksz Lungile Nhlanhla (25) uthe uthando lwakhe lokuba ngumpheki lwaqala esemcane ephekela umndeni wakhe.

Uthe ukhulele emndenini osebenza kanzima futhi ozikhandla kukho konke okwenzayo.

“Ngikhulele eWestville kodwa sengizinze eAlversrone eAssagay. Ukukhula ngaphansi komndeni okhuthele futhi ozikhandlayo kungigqugquzele ukuthi ngifeze amaphupho ami okuba ngumpheki.

ULungile ungenele umncintiswano wabapheki odume umhlaba wonke ngo-2011 owaziwa ngokuthi yi-MasterChef SA.

“Ngesikhathi ngingenela lo mcintiswano ngangineminya eyi-21. Ngawungenela ngenxa yothando enginalo lokupheka, ngaqale ngabona umcintiswano waphesheya kwezilwandle owaziwa ngokuthi yi-International MasterChef bese ngagqugquzeleka ukuba nami ngibe yingxenye yowaseNingizimu Afrika,”

“Kulo mncintiswano ngakwazi ukunyuka ngize ngifike esicongweni sabantu abahlanu, lokho kwangenza ngabona ukuthi impela ngiphiwe uma sekuza ngaseku phekeni. Ngalesosikhathi umndeni wami wawungigqugquzele futhi ubambisene nami.

Lo mncitiswano wangikhulisa wangivula amehlo waphinde wavula eminye iminyango empilweni,”kusho yena.

Uthe emva kokuba kwi MasterChef SA, wavula ibhizinisi lokudla eHillcrest elaziwa ngokuthi yi-Lungiand#039;s Corner.

“Ngikholelwa ukuthi ukudla kuletha injabulo futhi kuhlanganisa abantu bezinhlanga ezehlukene yingakho ngikuthanda ukupheka.

Ngikhumbula ngisakhula ukuthi bengihlezi ngiphekela umndeni wami ukudla okuyisi pesheli ngoba ngangikholelwa ukuthi uma sidla ndawonye kugcwaliseka ukuzwana nothando emndenini,”kusho uNksz Nhlanhla.

Khonamanjalo uNksz Nhlanhla wenza izifundo ze- Bachelor of Consumer Science.

“Konke engikwenzayo ngenziswa wuthando nokugqugquzelwa umndeni, ngakho ngithi intsha ayingavumeli abantu bayidicilele phansi beyitshele ukuthi ayilutho empilweni kumele ihlele konke okuhle efisa ukukwenza empilweni ukuze ibe nempumelelo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.