Ubuyisa ithemba entsheni “Sabona ukuthi senze le nhlangano ye-Alpha ukuze sizokwazi ukuphendula imibuzo abahlezi benayo”

2015-06-02 06:00
ISITHOMBE : nosipho mkhize

Umfundisi Zolani Phakathi wase-Sarpta Church

ISITHOMBE : nosipho mkhize Umfundisi Zolani Phakathi wase-Sarpta Church

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMFUNDISI odabuka eMbo, osezinze eGillitts , uMfu Zolani Phakathi (27) wase bandleni lase Sarpta Church elise Gillitts uthe isifiso sakhe ukuqoqa yonke intsha yaleli bandla, ukuze bahlanganyele kwinhlngano eyaziwa ngokuthi yi-Alpha, lapho kusuke kukhulunywa ngakho konke okuthinta intsha kanye nokukhonza uNkulunkulu. Uthe: “Lo mhlangano we-Alpha sisuke sihlangene nentsha yase-Sarpta Church lapho sidingida khona izindaba ezithinta intsha ngayo yonke indlela, bese sibeka phambili iziwi lika Nkulunkulu nokuthi umuntu omusha omaziyo uNkunkulu kumele aziphathe kanjani,”kusho uMfu Phakathi.

Uthe iningi lentsha linenkinga yokuthi alikhululeki ngendlela uma liphakathi kwabantu abadala ekutheni bexoxe ngezinto ezibahluphayo empilweni.

Uthe “I-Alpha yenzelwe ukuthi bekwazi ukukhululeka beyintsha bexoxe ngakho konke okubahluphayo empilweni bese bethola isisombululo sezinkinga abanazo,”kusho yena.

Uqhube wathi iphupho laba phathi bebandla kwawu kuthi kusizakale intsha yaleli bandla ngoba into abayibona wukuthi intsha ihlale inemibuzo.

Uthe: “Sabona ukuthi senze le nhlangano ye-Alpha ukuze sizokwazi ukuphendula imibuzo abahlezi benayo, ngoba esikhathini esiningi sisuke singenaso isikhathi sokuyiphendula leyombuzo, ngakho i-Alpha yilapho esikwazi ukuphendula yonke imibuzo abanayo.”

Impilo kaMfu Phakathi ayizange ibe yinhle ekukhuleni kwakhe, njengoba washonelwa abazali esaneminyaka eyi-10, wakhuliswa ngugogo wakhe.

Uthe: “Emva kokushona kwabazali bami ngakhuliswa uGogo, sihlala nodadewethu naye owagula washona, kwase kushona ugogo ngo-2006, ngithe ngisabheke lokho kwaphinde kwashona u-Anti wami owafa ngesihluku esikhulu ngesikhathi engenelwa abantu emzini wakhe bamdlwengula bambulala,”kuho yena.

Uthe isikhathi sabanzima kakhulu emva kokushona kwamalungu onke omndeni.

Uqhube wathi wabuyelwa yithemba ngesikhathi kufika amalungu ebandla lase Sarpta bezonikela ngokudla, watholana noMfu Hendry Duncan ongasekho emhlabeni, owamsiza emva kokuba ezwe udaba lwakhe.

Uthe: “UMfu Hendry Duncan wangithatha wangigona njenge ngane yakhe wangisiza kukho konke engangikudinga, ngoba ngase ngilahlekelwe yithemba, nginga siboni isizathu sokuphila, kwaba nzima kakhulu , kodwa ngosizo lwama lungu ase Sarpta ngakwazi ukubona ukuthi angisele ngedwa kodwa ngisele noNkulunkulu ongithandayo,” kusho yena.

Emva kokuba ethathwe uMfu Duncan, wahlala naye eGillitts , wakwazi ukuqhubeka nezifundo zakhe zamatikuletsheni, waphinde wathola iziqu zakhe zobufundisi neziqu ze-Logistics Management.

Uthe: “Ngibonga uNkulunkulu ngoba ngabe angikho la engikhona ukube ubengekho nami, ngiyakuthanda ukuba wumfundisi nokusiza intsha yingakho ngiyimema ukuba inhlanganyele kanye nathi njalo ngoMsombuluko ngo 6 kuya ku 8.30 ebusku, ukuzofundisana ngezwi lika Nkululunkulu nokunye,”kusho uMfu Phakathi.

Uma kukhona othanda ukwazi kabanzi ngenhlangano ye-Alpha angaxhumana noMfu Zolani Phakathi enombolweni ethi: 074 520 1987 noma kwi kheli le email elithi:zolakampume@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.